UMLINGISI uSandile Mahlangu oshayelwe ihlombe ngokugqoka isudi ehambisana nomkhankaso wokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane owenziwa yiWomen for Change
Image: Victor Turay
UMLINGISI okuyimanje ubonakala emdlalweni Inimba, uSandile Mahlangu, ushayelwe ihlombe ngabaningi ngokukhuza isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane, esebenzisa umswenko wesudi, ayeyigqoke emcimbini wamahhashi iHollywood Durban July yalo nyaka.
USandile washutha isithombe egqoke isudi yakhe enezithombe ezihlukene zabesifazane abashona ezigamekweni ezehlukene kuleli.
Kulo mkhankaso owenziwa yiWomen For Change SA, ukhuthaze abantu bakuleli ukuthi bafake izithombe ezinombala o-purple ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mbala le nhlangano yathi umele isibindi nesithunzi sabesifazane ababafunela ubulungiswa ngezimo ezabavelela.
USandile uveze ukuthi uzizwe ethobekile ngokuba yingxenye yalo mkhankaso ngokubambisana nabasiki bengqephu i-Imprint-za okuyibona abayithunga.
"Ngesikhathi ngiyigqoka abanye babengaqondi ukuthi imeleni, kodwa manje njengoba sisesontweni lalo mkhankaso kulapho bebona khona ukuthi ngangilwela abesifazane abahlukumezekile ezigamekweni ezabehlela," kuchaza yena.
Abe-Imprint-za baveze ukuthi ngesikhathi bethunga le sudi babenombono wokuthi kuningi okumele kwenziwe uma kuza ekulweni nalesi sihlava.
"Sakwenza lokhu ngokuhlanganyela nenhlangano iWomen for Change, kule sudi kunobuso babantu besifazane abayibamba ishisa kwipolitiki, abalwela amalungelo abesifazane abaculi nabalingisi abenza umsebenzi oncomekayo kulo mkhakha nabanye abesifazane ababulawa kabuhlungu ngenxa yokuhlukumezeka ababebhekene nabo, abanye abasaphila abenza ushintsho emphakathini," kusho i-Impirt-za.
Bathe bakhethe ukufaka ubuso babesifazane emasudini abesilisa ukuze umkhankaso ube seduzane nabo futhi ukhulume nabanye abazobona ozakwabo beswenke ngalolu hlobo.
Related Topics: