Ezokungcebeleka

Uzogqamisa ukuhlukunyezwa kwabesifazane ngezindlela ezihlukene umdlalo washashalazi

Nokubongwa Phenyane|Published

UJOY Mbewana obhale umdlalo iGetting tested ogqamisa isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane ngezindlela ezihlukene emphakathi nasemindenini yabo nozokhonjiswa ePlayhouse kusuka ngoLwesine

Image: Facebook

KULINDELEKE ukuthi ugqamise izindlela ezihlukene abantu besifazane abahlukumezeka ngazo umdlalo iGetting Tested, ozokhonjiswa ePlayhouse, eThekwini, kusukela kusasa kuze kube wuMgqibelo.

Lo mdlalo obhalwe yiciko uJoy Mbewana nophinde waba ngumqondisi wawo uzogxila kakhulu ekuhlukumezekeni kwabesifazane kuleli nasemkhakheni wobuciko.

Uthe izinto ezizogqama kuwo kubalwa inzondo ebhekiswe kwabesifazane abathandana nobulili obufana nobabo, ukuhlukunyezwa ngokocansi ngabantu ababathembayo, abesifazane abaphoqwa ukuthi benze izinto ezibahlukumezayo ngoba kuthiwa ziyisiko nezinye.

"Kulo mdlalo kuzobonakala izinto eziningi abantu besifazane abazibekezelelayo nosekufike isikhathi sokuthi zibhekwe ngenye indlela manje. Kulo mdlalo sizobheka izinto ezifana nobudlelwano kwesinye isikhathi obuba khona phakathi kukamamezala nomakoti, izingqinamba abesifazane ababhekana nazo emphakathini, ukuchukuluzwa, ukuqwashisa ngeHIV kanjalo nokuzibulala kwamantombazane asemancane," kusho uJoy.

Uthe wumdlalo lona ozoveza kakhulu izinto eziseyinkinga kuleli, nabafuna zisukunyelwe ngokushesha. Uthe ukholwa wukuthi uma beziveza ngalolu hlobo zizokwazi ukufinyelela ezindaweni ezehlukene ikakhulukazi emakhaya.

"Imidlalo enjena iyadinga nokuthi ifinyelele kwabesifazane basemakhaya. Sizozama ukuthi le midlalo siyise emahholo emakhaya, ukuze abesifazane abahlala khona bayibone, abanye basizakale ezimeni okungenzeka ukuthi nabo babhekene nazo kodwa abanalo izwi lokuzikhuluma. Ekugcineni wumdlalo ozogqamisa ukuthi abesifazane bayakwazi ukuba abaholi uma nje empilweni belwa kanzima, ngakho simema wonke umuntu ukuthi aphume azowujabulela," kusho yena.

Uveze ukuthi kubalingisi abaphambili kuwo kubalwa uNondumiso Gumede, Zime Yotwana,  Ntokozo Nene noThandeka Maseko.

Amathikithi uthe ayatholakala eWebtickets ngo-R100 abafundi u-R50.