ULoyiso McDonald oseveze ukuthi amadoda awangazithwesi umthwalo wokuzenyeza uma engabatholi abantwana nokuyinto emvule amehlo njengoba elingisa emdlalweni Inimba
Image: Instagram
UMLINGISI, uLoyiso McDonald, usekhuthaze amadoda angenayo inzalo wathi mawangazenyezi njengoba lesi kuyisimo esingaholela ekutheni angabi nokuzethemba ngenxa yengcindezi anayo.
Ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe njengoba indawo kaLazarus ayilingisa emdlalweni Inimba kuMzansi Magic, ikhuluma ngabesilisa abangabatholi abantwana.
ULoyiso uthe naye indawo ayilingisayo imfundise ngokuningi okungaholela ekutheni amadoda enze noma yini ukuze abuyise isithunzi sawo emphakathini noma emindenini yawo.
"Ukulingisa indawo ebheka into ebucayi njengalena kungivule amehlo futhi ngabona ukuthi buningi ubunzima obusekhona emphakathini obubhekana nabantu besilisa nabo abesifazane abangakwazi ukuthola abantwana. Bazithola benza noma yini ukuze babuyise isithunzi sabo futhi bahlonishwe. Ngakho nami indawo kaLazarus yize iqale incane kulo mdlalo ivela nje ngaleso sikhathi kodwa kuthe uma isithuthukiswa ngabona ukuthi kuningi okuzoba yisifundo kubabukeli okunye kuthunuke amanxeba kwabanye," kusho yena.
Lo mlingisi okhulele ePinetown, eThekwini, uthe ukwandiswa kweziqephu zalo mdlalo njengoba usuyoze uphele ngonyaka ozayo, kubajabulisile bengasabasebenzi abakuwona kodwa futhi kwabathwesa umthwalo njengoba sekumele basebenze kanzima.
"Kwasithusa futhi sajabula sitshelwa ukuthi eziqeshini esesiziqophile kumele senze ezinye futhi ezingu-90 njengoba umdlalo uqhubeka. Kwasikhombisa ukuthi abantu bayawuthanda lo mdlalo futhi nathi kuyacaca ukuthi senza umsebenzi oncomekayo. Iziqephu ezikhonjiswa manje sesikude kakhulu nazo futhi kunezinye ezizokwenza abantu baqhubeke nokujabulela umdlalo njengoba kukuningi okuseza engaziyo ukuthi abantu abathanda uLazarus noZoleka ngeke baze bakujabulele," kusho yena.
Uthe yize eseke wabonakala kweminye imidlalo okukhona kuyo Isidingo: The Need, Zabalaza kodwa umdlalo iThe Queen neNimba iyona emenze wagqama emkhakheni wokulingisa.
Manje uthe ubheke phambili ekutheni athole amanye amathuba kulo mkhakha angawufundelanga wagogoda kodwa ubonga unina ngokumhambisa ePlayhouse khona eThekwini lapho afunda khona amakilasi amancane agcina egqamise ithalente lakhe.
Related Topics: