Ezokungcebeleka

I-SABC ihloniphe uBrenda Fassie ngeqophamlando

Nokubongwa Phenyane|Published

INTANDOKAZI yomculi engasekho emhlabeni uBrenda Fassie, okuzokhonjiswa iqophamlando ngempilo yakhe. Indawo yakhe izolingiswa wuBrenda Ngxoli, osanyamalele kulo mkhakha wokulingisa

Image: Sithunyelwe

UKHUZA ibuya ngendawo ebalulekile emkhakheni wokulingisa uBrenda Ngxoli njengoba ezobonakala elingisa indawo kaBrenda Fassie kwiqophamlando elithi Vulindlela.

Leli qophamlando elineziqephu ezine lizoqala ukukhonjiswa ngoMgqibelo, kwiSABC1, ngo-8 ebusuku.

U-Ofentse Thinane, oyinhloko yakwaSABC1, uveze ukuthi kuzogqama kakhulu umsuka wokuqala kukaBrenda endimeni yomculo nezingqinamba abhekana nazo.

"UBrenda ngelinye lamaciko okungabanga lula ngisho esengenile emculweni njengoba wayebhecwa ngezinto ezihlukene. Ngakho leli qophamlando lizobheka izinto ezihlukene njengoba aqhubeka enza umculo kwaze kwaba ukhipha ingoma esashisa izikhotha namanje ethi Vulindlela, okuyiyona eyambeka ebalazweni emhlabeni, nesikhethe ukuthi siwuqambe ngayo lo mdlalo. Kuzophinde kuvele indlela ayengasabi ngayo ukuzikhulumela njengoba sibheke emuva ezingxoxweni ayeba nazo emisakazweni ehlukene futhi sakhuluma nabantu ayesebenzisana nabo," kusho u-Ofentse.

Uthe uBrenda ngelinye lamaciko elaxoxa ngempilo yalo lisebenzisa umculo elaliwuqopha, likwenza lokhu elakuleli lingaphansi kwengcindezelo.

"Sisebenze eduzane nabantu ayebakhonzile ukwenza leli qophamlando; njengomndeni, abangani bakhe, abadansi ayesebenza nabo nabanye ababebhala umlando wakhe ngezikhathi zakudala. Bonke basinikeze okunye okujulile ebesingakwazi ngale ngqalabutho esingeke size siyilibale kalula," kusho yena.

Uthe abanye abalingisi bazobonakala uma seliqala kodwa omunye ozobonakala kulo uSphamandla Dhludhlu ozobe elingisa indawo kaChicco Thwala.

“Njengesiteshi, indlela lena yokuqhubeka siqoqa umlando ngamaqhawe abeka elakuleli ebalazweni, nesingafuni ukuthi lilibaleke kalula. Sifuna izizukulwane ezizayo zibone ukuthi kukhona abantu abafana noBrenda abake baphila. Uyisibonelo ekutheni uma kukhona amaphupho ofuna ukuwafeza lokho ungakwenza nanoma ngaphansi kwaziphi izinqinamba. Waveza ukuthi ukuba owebala elimnyama ngeke kuvimbe impumelelo yakhe," kuchaza u-Ofentse.