USOL Phenduka osephumele obala ngenkinga yokugembula abenayo athe abantu abasenza lokhu kumele bazibheke
Image: Sigciniwe
UMSAKAZI osezakhele igama ngokuba yingxenye yethimba lePodcast and Chill with MacG, uSol Phenduka usephumele obala wakhuluma ngenkinga yokugembula athi wake wabhekana nayo.
USol Phenduka uveze lokhu enkundleni yokuxhumana i-X ephendula omunye wabalandeli bakhe ombuze ukuthi ingabe uyagembula yini.
USol uveze ukuthi wake waba wumgembuli kodwa manje akasakwenzi.
"Ngangigembula. Kwangimoshela impilo yami futhi kwangibambezela ezintweni eziningi engabe ngazenza eminyakeni edlule." kusho uSol.
Uthe akamehluleli umuntu owenza lokhu kodwa angambonisa ukuthi uma ekwenza aqikelele.
"Angiyifuni nokuyibona into ezongihlanganisa nalo mkhuba wokugembula. Uma kukhona abawenzayo ngiyanxusa ukuthi bazibheke konke abakwenzayo bangenzi ngokungaphezulu."
Lo saziwayo ukhuluma kanjena nje, kusanda kuvela isikhalo esivezwe yikomiti lasePhalamende ngezitshudeni okuthiwa zisebenzisa imali yeNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ukugembula.
Kuthiwa izitshudeni zize zibolekane imali ngoba zisalinde iNSFAS ukuthi ifake imali ukuze zizame inhlanhla yokuthi zenze imali ethe xaxa yokuphila.
Usihlalo wekomiti leMfundo ePhakeme ePhalamende, uMnuz Tebogo Letsie, uthe bakhathazekile ngokuthi lezi zitshudeni zigembula ezinkundleni ezifana neBetway, Sportsbet neHollywoodbets.
Uthe bayazi ukuthi imali yeNSFAS izitshudeni azigcini ngokuthi zikhokhele ngayo izidingo zokufunda kodwa zibuye zenze ezinye izinto ngayo.
"Siyazi ukuthi izitshudeni ezixhaswa yiNSFAS zisebenzisa imali ukondla imindeni. Ezinye ziyayigembula. Kodwa kumele kugxekwe neNSFAS ngokuphuza ukufaka imali yezidingo. Uma imali ingafakwa ngesikhathi, ezinye izitshudeni zize ziboleke imali ukuze zizame inhlanhla ngokugembula, ukuze kuthi uma ziwina ziyibuyise," usho kanje.
Ukusho lokhu ekhuluma nezintatheli ePhalamende izolo, esithangamini nabezindaba ebesihlanganisa osihlalo bamakomiti ahlukene.
Uthe le nkinga yokugembula kwezitshudeni ayidlangile kuleli kuphela kodwa nakwamanye amazwe iyabikwa.
Related Topics: