UMCULI wokholo, uJumbo, obongwe abaningi ngesihe asibonisile esiza akade bebandakanyeke engozini ngeSonto
Image: Facebook
KUBATSHAZWA ubuntu obukhonjiswe ngumculi wokholo, uJumbo Nyangiwe, osize abantu akade engabazi ebuya kosebenza eNdundulu, eMelmoth, ngeSonto.
UJumbo ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana ufake i-video ecelela usizo abalisa abane abahlangabezane nengozi embi eNkwalini, eMpangeni, njengoba imoto akade behamba ngayo ishayise inkomo yaze yayongena ehlathini.
UJumbo uthe le moto ibimdlule ngejubane, nathe uma esebona iphayiza emahlathini njengoba bekusebusuku wakhetha ukuma.
“Bengiphuma konandisa emcimbini wakubo kaZimdollar Biyela, bekuyizithuba zabo-8 ebusuku, ngesikhathi ngehla eNdundulu - le moto yangidlula. Kuthe uma ngehla eNkwalini, ngabona kukhanya imoto endaweni engathi iyihlathi ngase ngiyahlehla ngakhetha ukuya khona ngoba bese ngibonile ukuthi iyona lena engidlule ngesivinini,” kusho uJumbo.
Uthe ngesikhathi efika khona, isimo besingesihle kumshayeli nowesilisa obengemuva kwakhe.
“Bashaye inkomo imoto yase iphaphalaza kanti bahamba nayo njengoba ibigaxele okhakhayini. Ibe isilimaza umshayeli ngophondo enhliziyweni ngoba ubephefumula kabuhlungu ngalo inxeba, njengoba bebebane. Ababili bengalimele kakhulu ngoba omunye wabo simfice esephumile, abanye bebevalelekile ngenxa yokuthi izicabha zabo bezingavuleki,” kusho yena.
Uthe uyabonga kuwona wonke umuntu osukumele phezulu bebona lolu daba, nakuzona zonke iziphathimandla zaseMlalazi, ezilulethe ngokushesha usizo, waveza ukuthi akutholile ukuthi laba balisa bawumndeni nomunye ake asebenza naye - bamfonele bebonga akwenzile kubo.
Uthe umshayeli wemoto okwamanje uyena osagcinwe esibhedlela, abanye sebephumile.
UJumbo utuswe abaningi ekhasini lakhe ngobuntu abukhombisile esiza kulesi simo, abantu bambonga ngokufunela abalimele usizo, wathi ubengeke azifake izithombe zomshayeli yize ebengamazi njengoba bezikhombisa isimo esingesihle.
Related Topics: