UKHATHAZEKILE umphakathi waKwaNgqulu, eNquthu, ngokuboshwa komculi kamaskandi uDlubheke abathi lokhu kuzobhebhezela udlame olukhona njengoba iNkosi yendawo uSithole ikhetha iphela emasini futhi ihudula izinyawo ekutholeni isixazululo emphakathini
Image: FACEBOOK
AMALUNGU omphakathi waKwaNgqulu, eNquthu, asenxuse iNdlunkulu kaZulu noMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukuthi bangenelele empini yemindeni eqhubeka kule ndawo.
Le mpi okuthiwa iqale ngo-2023, isidlule nemiphefumulo engaphezu kwelishumi.
Amalungu omphakathi athi awangeni kule mpi kodwa azithola ehlezi lubhojozi endaweni ngenxa yayo. Abakhulume neSolezwe bethi bahlukumezekile, basole inkosi yendawo ngokuba nesandla ekutheni kube nodlame kunokuba idale ukuthula.
Kunukwa iNkosi u-Ashwell Sithole ngokuthi ingene yagamanxa empini ephakathi komndeni wakwaSithole nowomphathi weqembu Izingane Zoma, uShobeni Khuzwayo.
Emphakathini bakhala ngokuthi kukhona isandla semfene ngokuboshwa komculi kamaskandi, uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, oyindodana kaShobeni njengoba eboshelwe amacala abathi akawenzanga.
"Sekube nemihlangano eminingi kuzanywa ukuthi kulungiswe lesi simo kodwa kunalokho isixazululo kasitholakali. Uyabona nje ngokuboshwa kwalo mfana wakwaKhuzwayo kuzosuka omunye umsindo, kungakho sisukuma sicela usizo lokuthi ake kungenele abaholi bomdabu bakhulume nenkosi ixazulule lolu daba. Sisukuma nje yingoba kuza amaholidi kaKhisimusi, kuzoqala phansi ukungaboni ngaso linye," kusho umthombo.
Abanye bathe ngendlela inkosi eyenza ngayo babona inobudedengu obukhulu njengoba kuhlelwa imihlangano ephetha ngokungahlali bese kuqhubeka ukugobhoza kwegazi labantu.
"Kukhona ilungu lomphakathi kithina ebelifana neqhawe, uKhethamabala Sithole, elibulawe kuyo le mpi. Ubengumholi loya muntu ngakho ukudlula kwakhe emhlabeni kusilimazile kakhulu. USithole ushone ngento eyayingavimbeka kodwa ngenxa yamaphutha enkosi ekhona manje kwenzeka umshophi. Izinduna esebenza nazo inkosi izikhethisa izinhlangothi bese zihambisana nalokhu ekushoyo," kuchaza umthombo.
Omunye umthombo ume ekutheni ukube inkosi iyafuna kuphele impi ngabe isike yacela ngisho amakhosi akwezinye izizwe ukuthi azongenelela kodwa lokho ayikaze ikwenze. Basola ukuthi yingoba ifuna ukufeza izinhloso zayo.
"Nokusebenza kwamaphoyisa sikubona kungahambi ngendlela ngoba ake angena kwaKhuzwayo acekela phansi izindlu, ngemuva kwalokho kwangena abantu bashisa imoto kababa uShobeni nesisola ukuthi bonke laba bantu babesetshenziswa. UDlubheke naye wake wahlaselwa nomunye umfana nokwavela ekugcineni ukuthi ngubani owayethunge lelo tulo. Namanje sisazibuza ukuthi uboshelwani uDlubheke ngoba akucaci? Asimvikeli kodwa lokhu aboshelwe khona akukhona," kuphetha umthombo.
Ithintwa iNkosi uSithole, iveze ukuthi iyamangala ukuthi kukhona abantu abasathi isimo sibi kule ndawo ekubeni emhlanganweni owawukhona ngoJanuwari, kwavunyelwana ngokuthi akusekho zigameko zokubulalana ezizoqhubeka.
"Akulona iqiniso ukuthi imihlangano ayibi khona. Izinduna zingangifakazela ngisho amaminithi omhlangano akhona ayakuveza ukuthi lolu daba silwe nalo saze salunqoba. Umndeni wakwaKhuzwayo ubuhlala ezintabeni manje usuhlala ekhaya. Abafana bakhona abaculayo bebengayi lapho beqashwa khona kodwa manje sebeyaya ngoba impi siyinqobile. Angazi kuthiwa ngithatha uhlangothi ngoba kwenzenjani ngoba sambiza uMnuz Bheki Cele esewungqongqoshe wamaPhoyisa ukuthi azolamula impi, wafika kunokuthula endaweni. Angazi yini esiyenza abantu basuse umsindo manje," kusho iNkosi uSithole.
Iveze ukuthi muva nje, kufike uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, benengqungquthela eNquthu, bafike babika ukuthi isimo sesingcono, baveza indawo engaphansi kweNkandla okuyiyo esahlaselwe wubugebengu.
Related Topics: