UBheki Sibiya ozobe elingisa indawo kaG-Wagon emdlalweni iGenerations: The Legacy
Image: Sithunyelwe
UNGOMUNYE wabalingisi abazoqala ukubonakala kule nyanga, uRonnie Nyakale okhuza ibuya emdlalweni iGenerations: The Legacy, ekhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku.
URonnie olingisa indawo kaCosmo, washiya kulo mdlalo ngonyaka odlule ngemuva kokuthi ababhali bawo beveze ukuthi indawo yakhe isiphelelwe yisikhathi.
Ngemuva kokushiya kuwo, waveza izindaba zokuthi useziphilisa ngokushayela izimoto ezikhokhisa ngebanga ezilihambile.
URonnie Nyakale olingisa indawo kaCosmo emdlalweni iGenerations: The Legacy noshaya ibuya kulo mdlalo kule nyanga
Image: Sigciniwe
Kulo mdlalo uzoqala ukubonakala ngoNovemba 26, nazojoyina ozakwabo okukhona kubo uSparky Xulu ozoqala ukubonakala namhlanje, uBheki Sibiya uzobonakala ngoNovemba 15.
Ekhuluma ngendawo azoyilingisa kaG-Wagon, uBheki uthe ungumuntu ongaqondakali nothembekile ebantwini abamthandayo.
"Uyiphanta eliphila ngakho ukwenza noma yini ukuze liphile, ungumuntu uma kunenkinga okwaziyo ukuthola isixazululo ngokushesha. Uyazifela ngabantu besifazane futhi bonke ubona befanele yena, abanye abantu bambona njengesithutha nokuyinto angayona njengoba ehlakaniphile ngendlela yakhe. Uma umchukuluza ugcina eseyingozi," kusho uBheki.
Uthe ukuba yingxenye yalo mdlalo kuye kufana nokubuya ekhaya, njengoba esesebenze neSABC emidlalweni ehlukene.
"Kusho lukhulu kimi ukuthi ngibe semdlalweni owuchungechunge, osuneminyaka ukhona. Umdlalo lona obalulekile kweminye eke yaba khona ngenxa yebanga osulihambile. Ngiyajabula ukuletha ulwazi nothando enginalo lokulingisa kulo mdlalo, ngiluxoxa ngendawo engizobe ngiyilingisa nezoqhubeka ithathe amehlo abantu abaningi bakuleli," kusho yena.
USparky ozobe elingisa indawo kaSotshalomtimande Ngwenya, uthe kufezeke iphupho leminyaka njengoba ayekade ekufisa ukuba yingxenye yalo mdlalo.
"Okungijabulisa nakakhulu ukuthi kulo mdlalo ngizolingisa nabantu engikhule ngibabuka manje sengizosebenza nabo. Okunye okungijabulisile indlela ozakwethu abangamukele ngayo ngifika okokuqala ngizoqopha, ngivele ngazizwa ngisekhaya."
Related Topics: