Sindi Ntombela
Image: Facebook
BAZOBHEMA bakholwe abathandi bomculo wokholo eNewcastle, njengoba umculi wokholo uGah Ndlela ehlele idili lomculo iWe Lift Him High Gospel Music Experience, ezoba seNewcastle Show Hall, ngoNovemba 22.
Kulo mcimbi kuzobe kunandisa izinkakha zabaculi okukhona kuzo uMpumi Mtsweni, Lusanda Beja Ncandweni Christ Ambassadors, Jabu Hlongwane, Nozipho Phiri noSindi Ntombela.
UMCULI wokholo, uLusanda Beja, ozoba yingxenye yomcimbi ohlelwa uGah Ndlela eNewcastle
Image: Facebook
UThulani Ndlela odume ngelikaGah ohlela lo mcimbi, uveze ukuthi ukhethe ukwenza umcimbi walolu hlobo kude nedolobha iTheku ngoba kukhona abantu abafisayo ukuhambela imicimbi kepha ibaphuthe ngenxa yebanga.
“Ngenxa yomcimbi engiwenza ngePhasika, abantu bakhombise ukuwuthakasela kakhulu ngakho ngabona ukuthi kukhona abantu bakoVryheid, Nquthu, Dundee nakwezinye izindawo abathandayo ukuhambela umcimbi walolu hlobo kodwa akwenzeki ngoba bahlala kude. Ngakho nethimba engisebenza nalo sibone ukuthi sihlele lo mcimbi. Abazowuhambela bazobusiseka njengoba sikhethe abaculi abazobajabulisa babavuselele okholweni. Sithi wonke umuntu oselahle ithemba, obhekene nobunzima banoma yiluphi uhlobo, akeze sizokhuleka sizonxusa kuNkulunkulu siphume sonke sibusisekile,” kusho uGah.
Uthe abaculi abafana noLusanda bakujabulele ukuba yingxenye yomcimbi njengoba beveze ukuthi bazobe beqala ukuba emadolobheni angaphandle kweTheku, nokuyinto ezobenza bahlangane nabanye abalandeli babo.
“Amathikithi aseyatholakala eTicketpro, Spar nasemagaraji akwaSasol kusuka ku-R250 no-R350 i-VIP. Abantu abasondelene naleli dolobha abazibone njengababusisekile ngalo mcimbi okungowokuqala manje kodwa sihlela ukuthi eminyakeni ezayo uqhubeke ube khona futhi ukhule,” kuchaza yena.
UGah uveze ukuthi uyanxusa abantu basheshe bathole amathikithi njengoba ehamba ngokushesha, kungakho bekhethe ukuthi atholakale ezindaweni ezihlukene.
Thulani Ga Ndlela Thulani Gah Ndlela
Image: SICGINIWE
Related Topics: