Ezokungcebeleka

Umsakazi uchaza ngokugqamisa impilo yabakubo abevile ku-20

Nokubongwa Phenyane|Published

UMNDENI womsakazi, uTee Xaba ozobonakala kuMzansi Magic, kusuka ngenyanga ezayo njengoba bezonekela izwe impilo yabo ngengomndeni onezingane ezingaphezu kuka-20

Image: Sithunyelwe

UMSAKAZI wesiteshi esizinze eThekwini, i-East Coast Radio, uTee Xaba uthi uyena obefuna kwaziwe kabanzi ngomndeni wakhe njengoba uyise enezingane ezingaphezu kuka-20.

Konke lokhu kuzogqama ohlelweni iBeing a Xaba, oluzoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic, kusuka ngoNovemba 23, ngo-7 ebusuku.

Kulolu hlelo kuzogqama uMbhishobhi Vusi Jabulani “VJ” Xaba (61), nomndeni wakhe wonke ukuthi uphila kanjani nazo zonke izingane zakhe futhi zihlalisene kanjani nomkakhe oneminyaka engu-28. 

UTee uthe bekusenhliziyweni yakhe ukuthi abantu babone ukuthi baphila kanjani bengumndeni omkhulu nobaba wabo ongusomabhizinisi ophinde abe umfundisi.

“Thina nezingane zakwethu sibaningi kodwa obekuhlale kusenhliziyweni yami ukuthi ngiyafuna abantu bazi ngalo mndeni omngaka, ukuthi siphila kanjani futhi nobaba ake avele emphakathini, ke ngizwe umbono wabo ngendlela asithola ngayo. Kodwa engingakusho ukuthi singabantu abanothando. Kuningi ababukeli abazokufunda kithi ngezinto ezihlukene ezithinta impilo yomndeni omkhulu,” kusho uTee.

Uthe uqale waba nengxoxo ejulile noyise ngokuqopha uhlelo olufana nalolu. Uthe uyathemba ukuthi abantu bazothola izifundo ezihlukene.

“Sengikujahile ukuzwa imibono yabantu, njengoba bengasazi njengomndeni kodwa bezoqala ukubona uhlelo bese beba nemibono ngempilo yasekhaya. Ngiyazi ukuthi uma bebona ubaba nomama wethu olingana nami ngokweminyaka. kukhona abazokusho, kodwa kukhona konke sijabule futhi sengibheke phambili ukuthi uhlelo luqale,” kuchaza yena.

Uthe yize abanye bamgcina esezinhlelweni ezihlukene kwithelevishini kodwa manje bazobona ukuthi usekhule kanjani emikhakheni ehlukene ethinta ukusakaza nokunye.

Ukugcizelele kodwa ukuthi umculo akuyona into asegxile kuyo kakhulu manje.

Khonamanjalo: Umethuli wezinhlelo uKamohelo Bombe, uzobonakala ethula uhlelo olusha oluthi Nami Ngikhona oluzoqala kusona lesi siteshi ngoNovemba 16, ngo-7.30.

Kulona uzohlangana namalungu emindeni akade efihlwe umufi afuna ingxenye yefa ngemuva kokudlula emhlabeni komuntu abasondelene naye.

Kulolu hlelo kuvele ukuthi kuzobonakala izingane umufi okungenzeka wayezifihlile okanye unkosikazi obengaziwa wumndeni.