Ezokungcebeleka

UDumi uthembisa idili lomculo ngohambo lwakhe oluza eThekwini

Nokubongwa Phenyane|Published

UDUMI Mkokstad osememezele ukuthi uza nedili lomculo eThekwini, ngasekupheleni kwenyanga ezayo

Image: Sithunyekwe

UMCULI wokholo, uDumi Mkokstad, uthi ufuna ukushintsha impilo yabantu ngedili lomculo wakhe eselihambele amadolobha amakhulu kuleli, iKingdom Mandate Revival Tour, esanda kubanjwa eKapa naseGoli.

NgoNovemba 29, uDumi uzobe ejabulisa abathandi bomculo wakhe e-ICC, eThekwini.

Kulo mcimbi uzobe ehambisana nabaculi okukhona kubo u-OnceMore Six, Nontokozo Mkhize, Xolly Mncwango, Sbu Noah, Timothy Myeni, Nomini Nyawose noSneziey.

UDumi uthe ulindele ukuthi kutheleke abathandi bomculo bazo zonke izinhlanga ukuzojabula naye.

“Okokuqala okungijabulisayo ukuthi ekugcineni umcimbi uza ekhaya, ngizohlangana nabantu bakithi esifundazweni iKwaZulu-Natal. Idolobha esizobe sibambe kulona umcimbi linomlando enhliziyweni yami futhi ngiyazi ukuthi uNkulunkulu kukhulu asibekele khona ngalolu suku, kuyokwenzeka into engakaze ibonakale,” kusho uDumi.

Uthe akulona usuku lokuqopha umculo wakhe kuphela lolu kodwa abayobe bekhona bayohamba belaphekile emoyeni njengoba beyobe bethintwe yizingoma ezihlukene emoyeni wabo.

“Ngimema wonke umuntu ukuthi sihlangane ndawonye, sizodumisa, sikhale futhi sibone kushintshe nempilo yabantu. Ngimema abantu abake babhekana nobunzima obuhlukene empilweni bazibona belahlekile ukuthi bafike bezodumisa nathi, ngiyakholelwa ukuthi ubusuku lobu obuyoshintsha izinto eziningi kubantu abazizwa belahlekelwe ithemba, bezizwa bethwele imithwalo ehlukene,” kusho yena.

UDumi kuleli uzakhele igama ngama-albhamu nezingoma okukhona kuzo ethi Calvary, The Overflow – Gcwala Kimi nezinye.

Uveze ukuthi amathikithi ayatholakala eTicketpro kusuka ku-R300.