Ezokungcebeleka

Kushone owesine esigamekweni sokudutshulwa komndeni

Nokubongwa Phenyane|Published

Senyukile isibalo sabomndeni abafe behlaselwa

Image: Pexels

KUGCINE kumenele owesifazane obengumsizi emndenini wakwaCebekhulu, eMadlankala, eMpangeni, okungene abalisa abangaziwa ngoMsombuluko, bavulela ngenhlamvu ekhaya lawo.

UNksz Samkelo Mngomezulu waseSwatini, kuvela ukuthi ubenesonto kuphela eqale ukusebenza kulo mndeni njengoba ehlelwe yilo mshophi.

Wadubuleka kanzima ngesikhathi kuhlaselwa umndeni okwashona kuwo uMnuz Mjiphazeni Cebekhulu (68), unkosikazi wakhe uNksz Ntombeyiningi Khanyile (63), nomzukulu wabo womfana u-Uminathi Vilakazi (7).

Yena walimala kabi waphuthunyiswa esibhedlela, wagcina eshonile izolo.

Owomndeni okhulume neSolezwe uveze ukuthi kunzima okubehlele njengoba akukho ngisho umkhondo ngesigameko.

“Akukho ngisho okuzwakalayo emphakathini ngalesi sigameko. Sihlalele ovalweni ngokusehlele, sicela amaphoyisa asheshise uphenyo ukuze kube khona ababoshwayo bese sihlala ngokukhululeka. Sibonga osonhlalakahle abalokhu befikile bezosibheka ukuthi siqhuba kanjani ngoba kukhona umntwana obhala u-matric,” kusho leli lungu lomndeni elithe sebeyasaba ukuveza amagama abo kwabezindaba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko sokudlula kwalona wesifazane emhlabeni, wathi manje icala lokuzama ukubulala akade beliphenya sebeliphendule elokubulala ngemuva kokushona komuntu wesine.

Indodana kamufi eyasinda kulesi sigameko njengoba yaphuma ngomunye umnyango kuqala ukudutshulwa, uMnuz Sandile Cebekhulu, yaveza ukuthi akukho ngxabano ebiyazi ebingaholela ekutheni kwehle isiga esinje.

“Nami bengikwelinye igumbi ngesikhathi ngizwa kukhuluma ubaba, ebuza ukuthi bangobani laba balisa abebengena endlini. Ophendulile uvele wamthuka wase eqala emdubula. Kula ngikwazile ukuphuma ngomunye umnyango, basale baqhubeka nokudubula laba abanye akade bengaphakathi endlini. Kwanami angikwazanga ukubona ukuthi bangobani kodwa engingakusho ukuthi bebebaningi, abanye besele ngaphandle kwegceke,” kusho uCebekhulu.