Ezokungcebeleka

Izoshukumisa okuningi indawo kaSphamandla emdlalweni Ithonga

Nokubongwa Phenyane|Published

USPHAMANDLA Dhludhlu ozobonakala elingisa emdlalweni Ithonga kuleli sonto

Image: Sithunyelwe

UTHEMBISA into yamehlo ngendawo yephoyisa elizolwa nobugebengu endaweni yaseZulwini, emdlalweni Ithonga, uSphamandla Dhludhlu, ozoqala ukubonakala kulo mdlalo kusuka kuleli sonto.

USphamandla uzobe elingisa indawo kaCaptain Mandla Mchunu, kulo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic (161), ngo-8.30 ebusuku.

USphamandla kulo mdlalo ufika ezokwenza uphenyo ngemuva kokudutshulwa kwenduna.

Echaza ngale ndawo uSphamandla, uveze ukuthi indawo lena ngeyephoyisa elithenjwa kakhulu ngomsebenzi walo njengoba laziwa ngokubopha izigebengu eziyingozi emphakathini.

“Ukuba yingxenye yalo mdlalo kungenye yezinto ezinkulu ezenzekile emkhakheni wokulingisa engikuwo. Ukusebenza kulo mdlalo kumbule elinye ikhasi kimi ngenxa yokuthi kukhona abanye ozakwethu obese kunesikhathi ngifisa ukuba semdlalweni owodwa nabo kodwa kungenzeki,” kusho uSphamandla.

Uthe uCaptain Mchunu ungowesilisa okungamele umbuze ngendlela aziphethe ngayo njengoba engathengwa ngamali uma kuziwa emsebenzini wakhe, konke ukwenza ngendlela eqondile.

“Uthunywe ukuthi azofuna iqiniso ngokufa kwenduna, kukhona ulwazi asenalo ngalesi sigameko yize emphakathini kudume ukuthi ibibanjwa inkunzi. Amehlo akhe asenayo umsolwa okunguPablo njengoba abantu befuna noma ubani owenze lokhu aboshwe, uzimisele ukubopha futhi uthola ngisho uxhaso kumalungu omphakathi,” kuchaza yena.

Uthe indawo yakhe ngeke igcine kuphela ekutheni afune umsolwa kodwa kuzobonakala eba nobudlelwano obuseduze noMbali (Noluthando Ngema), bobabili abafuna ubulungiswa nokuzokwenza kushintshe izinto eziningi.

Ngokwesikhangiso salo mdlalo esivele kuleli sonto, uMbali noCaptain Mchunu bagcina sebesothandweni oluvutha amalangabi nokuyinto egcina ingathandwa uBanele (Bonko Khoza) osavaleleke ezweni elingaziwa ngokwalo mdlalo.