UMCULI wama-piano u-Eemoh okwabazonandisa emcimbi Igcwalisa Spring Picnic: All White ozoba ngenyanga ezayo eThekwini
Image: X
ABAHLELI bomcimbi omkhulu eThekwini osuke ubophele abaculi abahlukahlukene, Igcwalisa Spring Picnic: All White, abanavalo lokuthi kungaphela umcimbi kunamaciko azokube engakalitholi ithuba ngenxa yomthetho kamasipala othi imicimbi kufanele iphele ngo-12 phakathi kwamabili.
Bakusho lokhu ngemuva kokukhipha uhlu oluphelele lwabaculi abazonandisa emcimbini walo nyaka ozoba seKings Park ngoNovemba 8.
KAMO Mphela
Image: Sigciniwe
Kulo mcimbi kuboshelwe abaculi abahlukene kusuka kwabacula umaskandi, kwaito, amapiano nezinye izinhlobo.
UMthokozisi Zuma osethimbeni elihlela umcimbi uthe noma inzima indaba yokuthi kumele baqede imicimbi phakathi kwamabili kodwa kulona kuyothi kufika isikhathi sokuthi uphele bonke abazobe bekhona bazobe bebheme bakholwa.
“Indaba yokuqeda umcimbi phakathi kwamabili kusamele ibhekwe, kodwa singasho singangabazi ukuthi abathandi balo mcimbi abathenge amathikithi abo ukuze bazojabula nathi kulo mcimbi. Amaciko azoshiyelana inkundla kulo mcimbi kusuka ngo-12 emini kuze kube u-12 ebusuku,” kusho yena.
Uveze ukuthi amathikithi asekhona abantu bangawathola eComputicket, ngo-R150, R250 noR1 500 i-VIP.
Uthe namuhla bamema wonke umuntu owakhelene nesikhungo semfundo ephakeme uNgoye njengoba bezobe behambele khona ukugqugquzela abathandi balo mcimbi ukuthi bafike eThekwini ngosuku lweGcwalisa.
“Njengoba sacacisa ngesikhathi sethula umcimbi ukuthi ngeke sibe nawo wonke umculi emcimbini omkhulu, kodwa njengoba siya oNgoye bakhona abazobe bengekho komkhulu abazoba khona kulona esiwenzayo manje. ULimit Nala, Maganga uThishela, Mjolisi, Njabulo Langa nabanye bazobe beyingxenye yalo mcimbi. Ngakho abaphelele abathandi bomculo ngo-4 nje ntambama siyobe siqala kuze kuyovalwa,” kusho yena.
Emcimbini omkhulu uthe abanye babaculi abazobe bekhona kubalwa uNaledi Aphiwe, DJ Tira, UMafikozolo, Nkosazana Daughter, Eemoh, Kamo Mphela, Vusi Nova nabanye.
Abaphathi bohlelo kubalwa uTshatha, Felix hlophe, Somizi, Zimdollar, Mafresh nabanye.
Related Topics: