UMREPHA uBig Zulu nendodakazi yakhe Unkabikazi ngoLwesihlanu, abakhiphe i-albhamu yabo yokuqala besebenzisana ethi Undodakazi
Image: Sithunyelwe
INDODAKAZI yomrepha waseBergville, uBig Zulu, isiveze ukuthi ukuhamba ezinyathelweni zikayise njengoba nayo isingene emculweni kuzogqamisa ubudlelwano abanabo.
UNkabikazi oneminyaka engu-16, ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ngokuhlanganyela noyise ethi Undodakazi.
Kule albhamu izingoma zabo zikhuluma ngezinto ezihlukene ezithinta bona nemvelaphi yabo.
Ekhuluma ngokungena kwakhe emculweni, uthe yize ebengazi ukuthi kuzokwenzeka ngokushesha okungaka kodwa uyajabula ukuthi kukhona osekwenzekile okuthinta umculo nokuyinto ayithandayo.
“I-albhamu iphume ngoLwesihlanu olwedlule, futhi yenza kahle kakhulu ezindaweni okutholakala kuzo umculo. Ukwenza i-albhamu nobaba kube uhambo engifunde kulo izinto eziningi nolungijabulisile futhi nami kwaba khona angibonisa kukhona naye futhi kwaba khona akuthola kimi noma ngiyingane yakhe,” kusho uNkabikazi.
Uthe leli kube yithuba lokuveza umsebenzi wabo nobudlelwano abanabo besebenzisa umculo.
“Ngiyacela abantu bangawufihli umuzwa wabo ngomsebenzi wami nobaba ngoba mina ungijabulisile nabo ngiyathemba ukuthi uzobajabulisa. Isigqi umuntu asebenzele phezu kwaso kakhulu esosonkondlo, Afro soul, maskandi ne-hip hop. Yisiqalo sami lesi endimeni yomculo futhi kuyangithokozisa ukuthi ngithi ngiqala nje ngibe ngibanjwe yisandla somuntu osazi kahle ngale ndima,” kusho uNkabikazi.
UBig Zulu uveze ukuthi nakuye uhambo lolu abona ukuthi luyohlala lumenze eseduzane nendodakazi yakhe njengoba engumuntu owukhonzile umndeni wakhe.
“Ngiyaziqhenya ngendodakazi, i-albhamu lena eseduzane nenhliziyo yami njengoba ingaqukethe nje kuphela umculo kodwa ixoxa ngohambo lwethu sobabili. Ukubona indodakazi yami ikhula emculweni kube isipho engingeke ngisilibale kalula, ngangingakaze ngizibona ngicula nayo esiteji kodwa namhlanje kuyenzeka,” kusho yena.
Related Topics: