Ezokungcebeleka

Kululwe iziqephu zomdlalo Inimba

Nokubongwa Phenyane|Published

ABALINGISI bomdlalo Inimba, uZenande Mfenyane noSisa Hewana, osekuvele ukuthi lo mdlalo ngeke usaqedwa kodwa uzoqhubeka njengoba ababukeli kuvela ukuthi bayazifela ngawo

Image: Sithunyelwe

UKWENZA kahle komdlalo Inimba kuphoqe inkampani yakwaMultichoice ukuthi yandise iziqephu zalo mdlalo.

Lo mdlalo okhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-9 ebusuku, ngesikhathi uqala kwavela ukuthi uzokhonjiswa iziqephu ezingu-130 kuphela kodwa ngenxa yesasasa lawo kwenze ukuthi kuphinde kuqoshwe ezokugcina ezingu-90.

Bekumele uphele lo mdlalo ngoLwesihlanu, njengoba ukhonjiswe ihora lonke.

Esitatimendeni esikhishwe yile nkampani, bathe kumanje umdlalo Inimba uyihola yonke imidlalo ekhonjiswa kuMzansi Magic ngokubukwa.

“Abantu besibona, basinxusa ukuthi siqhubeke nokwenza lo mdlalo njengoba besawufuna ukuwubona kumathelevishini abo. Ngakho kusiphoqile ukuthi silalele ababukeli bethu uma kukhona abakufunayo, bekumele uphele umdlalo ngoLwesihlanu kodwa sesingaqinisekisa ukuthi ngesikhathi sibona lesi sikhalo sathatha isinqumo ngokushesha ukuthi uqhubeke nokuqoshwa,” kusho isitatimende.

Isiqephu sangoLwesihlanu siphele ngesasasa, kubopha ifindo ikasofasilahlane, uHlathi (Sisa Hewana) noThumeka (Zenande Mfenyane).

Laba bebese benesikhathi bebhekene nezinkinga emshadweni wabo, okuvela ngathi zisazoqhubeka.

“Yize laba kungabonakala sengathi ukugcina kwabo beshadie kuyisiphelo sezinkinga zabo kodwa iziqephu ezilandelayo ziza nokuningi ukuzoshiya ababukeli balo mdlalo bebambe ongezansi. Sibheke phambili ekwenzeni eminye imidlalo ezoqhubeka nokudonsa ababukeli bethu esizoyimemezela ekuhambeni kwesikhathi ngasekuqaleni konyaka,” kuchaza isitatimende.

UNomsa Philiso obhekelele izinhlelo kule nhlangano, wakuveza ukuthi imidlalo yabo ngeke isaqeda isikhathi eside ikhonjiswa ngenxa yokuthi igcina abantu bengasayithokozeli, wathi imidlalo yabo isizogcina eziqephini ezimbalwa kuphela bese kuqala omunye.