Ezokungcebeleka

Bazoshubisa izinto abalingisi abasha emdlalweni iNimba

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uSamkelo Ndlovu ongomunye wabalingisi abasha emdlalweni Inimba okhonjiswa kuMzansi Magic

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE izinguquko ezihlukene emdlalweni Inimba njengoba ngoMsombuluko kuqale isizini yesibili, nokuzothi emasontweni azayo kuqale kubonakale abalingisi abasha abayingxenye yalo mdlalo.

UMzansi Magic usumemezele ukuthi isizini entsha eneziqephu ezingu-90, kuzothi maduze kuyo kuqale kubonakale abalingisi okukhona kubo uSandile Mahlangu (Onga), Samkelo Ndlovu (Lillian Gumede), Luzuko Nkqeto (Zwelinzima Ngcukana) noTina Jaxa (Nomfundiso Ngcukana).

Sandile Mahlangu

Image: Sithunyelwe

Ekhuluma ngendawo azoyilingisa uSandile uveze ukuthi izokhulumisa kakhulu njengoba u-Onga engowesilisa obukekayo futhi ofika enkampanini iKhusela Tech abe nogazi kwabesifazane.

"Ufika njengomsebenzi owaziwa ngamagalelo akhe ahlukene, ezinkampanini ake azisebenzela. Kodwa ekufikeni kwakhe eKhusela, wonke umuntu wesifazane uthathwa yindlela abukeka ngayo naziphethe ngayo. Yena njengoba efika kule nkampani amehlo akhe kukhona owesifazane asembonile nokwenza kube khona ukungezwani  kwabanye, nokuyiyona nto ezomenza abe nyamanambana," kusho uSandile.

Uthe ulijabulele ithuba lokuba yingxenye yalo mdlalo, futhi ubheke phambili ekutheni abantu babone ukuthi kuzokwenzekani.

"Kwesinye isikhathi uma ungumlingisi usheshe ufise ukuthi ababukeli babone indawo oyilingisayo, nakimi manje kunjalo Inimba ngomunye wemidlalo ehamba phambili, uma ungumlandeli wayo uthi usalindele okunye kube kwenzeka okunye, nale ndawo izoba ngenye yezinjalo abantu akade bengayilindele kodwa ezoshukumisa umdlalo wonke futhi kukhulunywe ngayo njalo ekupheleni kwesiqephu ngasinye," kusho yena.

AbeMzansi Magic bahambe emazwini kaSandile nabo njengoba beveze ukuthi bonke abalingisi abasha, izindawo zabo zizokwenza umdlalo uthakaselwe usuku nosuku njengoba beza nokuningi.

"USamkelo uza kulo mdlalo ngokuzofuna into akweletwa yona ngomunye wemindeni. ULuzuko indawo yakhe izogxila kakhulu endodaneni yakhe uLazarus (Loyiso McDonalds) njengoba engubaba onomthetho futhi kukho konke azokwenza uzobe ebambisene nodadewabo uTina Jaxa," kuchaza isitatimende.