Ezokungcebeleka

USomizi usephendule uNgizwe ngoluthinta abathandana nobulili obufanayo

Nokubongwa Phenyane|Published

IHLULEKILE imizamo kaNgizwe Mchunu yokuyolwa nabathandana nobulili obufanayo athe ufuna baphume baphele KwaMai Mai njengoba sebegcwele nakhona

Image: Facebook

USOMIZI usephawule okokuqala ngokuchashwa ngenhlamba nguNgizwe Mchunu emuva kokuthi kusabalale izithombe zabesilisa ababeshada begqoke imvunulo yakwaZulu neyakwaXhosa.

USomizi kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, udonse abaphila impilo yokuthandana nobulili obufanayo ukuthi bangalinge bathuswe umsindo okhona manje, wathi abaqhubeke baphile impilo yabo bangashintshwa muntu.

Somizi Mhlongo

Image: Instagram

“Ngiyanibonisa ukuthi ningabavumeli laba bantu abacwasayo banenze nibe nezinhliziyo ezincane, niphatheke kabi. Enginitshela khona ukuthi ningashintshi ukuthi ningobani ngoba ninovalo. Ningalinge nibathuke nifinyelele ezingeni labo, qhubekani niphile impilo yenu ngendlela ebeniyiphila ngayo. Lokhu engizokusho manje angigqugquzeli udlame kodwa bayasazi ukuthi singobani siphila mpiloni, uma kumele isuke izosuka. Ngicela nizilungiselele ukuthi uma besiqala nathi sibe sikulungele lokho,” kuchaza uSomizi.

Uthe wonke umuntu ophila le mpilo kumele ahlale ekulungele ukuthi balwele amalungelo abo kodwa okwamanje bangalinge bathuke inhlamba ezinkundleni zokuxhumana.

Kwenzeka lokhu nje, uNgizwe ngeSonto, beneqembu labantu besilisa abamesekayo kulo mkhankaso wokuhlonishwa kwemvunulo, banikele endaweni yokudlela KwaMai Mai, eGauteng, nala bebethi bayokhipha abaphila le mpilo asebegcwele khona muva nje.

Waveza ukuthi le ndawo ibideleleka ekuqaleni njengoba ibijwayele ukuhanjelwa amabhinca kuphela kodwa manje kugcwele lonke uhlobo lomuntu.

Ngesikhathi befika khona, izinduna zakule ndawo namaphoyisa zibavimbe esangweni azangabavumela ukuthi bangene ngaphakathi.

Zibayalele ukuthi zingabavumela bangene kuphela uma bezodla, hhayi nxa bezodala uthuthuva.

Kule ndawo bekukhona namaphoyisa abesigadile isimo, okuze kwashona ilanga kungekho zinxushunxushu.

Ngesonto eledlule, ziningi izinhlangano nabantu abaphila le mpilo abagxeka uNgizwe ngenkulumo yakhe bathi ugqugquzela udlame.