USTHABILE Mazubane oseyingxenye yomsakazo Igagasi FM nathi kufezeke elinye lamaphupho akhe
Image: Sithunyelwe
INTOKAZI yaseMgungundlovu, uSthabile Mazubane (33), Ithi ithuba eliyehlele lokuba yingxenye yomsakazo Igagasi FM, lifike ngesikhathi esikahle ikade isilindele.
USthabile umenyezelwe njengokunguye odle umhlanganiso emncintiswaneni i-2025 Gagasi FM Rising Star njengoba lesi siteshi besithungatha umethuli waso omusha ozobonakala ekhuluma ngezindaba ezihlukene kwenye inkundla yabo ezokwaziwa ngeGagasi FM Podcast.
USthabile ubesengomunye wabahlanu akade besele njengoba kade kuvota abalaleli nethimba lamajaji ebelibhekelele lo mncintiswano.
"Kuyangijabulisa ukuba yingxenye yomsakazo igagasi FM, njengoba bengiwumlandeli walo kusuka kudala. Ithuba leli elifike ngesikhathi ngidinga into ebengifuna ukukholelwa kuyo, into ezongibuyisela ithemba ngakho ngizizwa ngithobekile ukunikwa ithuba lokwenza umsebenzi ofana nalona,” kusho uSthabile.
Uthe akubheke kakhulu ukukhula engaphakathi esiteshini njengoba kuyinto ayeyifisa kudala ukungena emsakazweni, yize ebesebona ukuthi ngeke kusenzeka kodwa manje selifezekile lelo phupho lakhe.
USthabile kulindeleke ukuthi abonakale kabili enyangeni kule nkundla ethula izindaba ezehlukene.
UKhulekani Shandu okhulumela iGagasi uthe bayamhalalisela futhi bayamemukela uSthabile emndenini wabo.
“Siyazi ukuthi lolu hambo kube olungelula kubona njengoba bonke abakade beyingxenye yalo bebenamakhono amangalisayo. Bekungelula kuwona wonke umuntu ngisho ukukhetha owinile. Esikubonile ukuthi isifundazwe iKwaZulu Natal sicebile uma kuziwa entsheni enamakhona. Sithanda ukubonga kuwona wonke umuntu obevota njengoba bedlale indima enkulu ekutheni sithole odle umhlanganiso,” kubeka yena.
Related Topics: