Ezokungcebeleka

AmaSlay Queen azochaza ngokuwenza aphile impilo ephezulu

Nokubongwa Phenyane|Published

UCYAN Boujee ongomunye wabesifazane abadume ngokuphila ngemali abayithola kwabesilisa, uzochaza ngokwamenza wangena kule mpilo ohlelweni iSlay Queens kwiShowmax

Image: Sithunyelwe

ABESIFAZANE abadume ngokuziphilisa ngokuthandana nezigwili, abaziwa ngamaSlay Queen, bazoxoxa ngempilo abayikhetha ohlelweni iSlay Queens, oluzoqala kwiShowmax ngo-Okthoba 31. 

Kulona abesifazane abehlukene abaphila le mpilo bazochaza ukuthi baqala kanjani.

Kodwa ngeke kugcine kubonakala bona kuphela ngoba kuzovezwa nomelaphi wendabuko nomshayeli wezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile, abazochaza kabanzi ngababhekana nakho uma besebenzisana nalaba besifazane. 

UVusi Zion osungule uhlelo uthe ulwenze ngenjongo yokuthi kuphele ukuhleba emakhoneni ngempilo yalaba besifazane wakhetha ukuthi bazikhulumele bona.

"Bazosivezela ukuthi injani impilo yabo thina emphakathini esihlale sikhuluma ngayo emakhoneni, sibahlulele singakaze sizwe ukuthi yini ebaholele kulesi sigaba. Ngibone ukuthi abantu kukhona abafuna ukukuzwa kulaba besifazane abanesibindi ababukeka bengenankinga kodwa kukhona abesilisa abahlale bekhipha imali bebanika kanti kweminye imiphakathi ababafuni ngoba bebona ukuthi abasona isibonelo esihle esinganeni ezisakhula,” kusho uVusi.

Uthe yena njengomuntu osenze izinhlelo ezihlukene okwakhe wukungahluleli abantu kodwa ukusebenzisa ithelevishini ukukhuluma ngale mpilo ukuze kuzwakale izwi labaphila le mpilo.

Kosaziwayo abehlukene abazobonakala kulona kubalwa uDJ osedume kakhulu ngokuthandana nabaculi nosomabhizinisi uCyan Boujee, noveze ukuthi uzoveza uhlangothi lwakhe angakaze akhulume ngalo emphakathini.

Umculi wamapiano uMr JazziQ naye uzoveza uhlangothi lwakhe ngahlale ekubona ngale mpilo njengoba engumphathi wenye yezindawo zobumnandi eGoli iVibes on Main.

Umbhali wezincwadi uJackie Phamotse uzoveza akwaziyo ngale mpilo njengoba naye eke wayiphila phambilini.