UNGIZWE usekhwele wadilika kubashadene abaphila impilo yokuthandana nobulili obufanayo, uSimon Sean Seun Nhlapo noCrosby Jodwana, athe ukugqoka kwabo imvunulo, ikakhulukazi yaKwaZulu kuwukwedelela amakhosi
Image: Facebook
USECHAPHE ngezinhlamba abaphila impilo yokuthandana nabobilili obufana nobabo uNgizwe Mchunu ngemuva kokuthi kusabalale izithombe zabesilisa okuthiwa bebeshada ngempelasonto.
Izithombe zomshado kaSimon Sean Seun Nhlapho noCrosby Jodwana zigcwale izinkundla zokuxhumana kusuka ngempelasonto.
UNgizwe enkulumweni ayiqophe ekhasini lakhe, iNgizwe Online kwiFacebook, uveze ukuthi okumcasula kakhulu ukuthi laba besilisa abazwana bodwa "nokuyinto eyichilo KwaZulu basebenzise imvunulo yamakhosi".
Somizi Mhlongo
Image: Instagram
"Indoda elala nenye indoda, amanyala okugcina lawo. Lokhu enikwenzayo nisibangela ububha ezweni, nisibangela izinkinga zokugcina, nalo mg@#%* owuSomizi. Qoqa isizwe sakho niphume naso lana eNingizimu Afrika, sizonicwasa bukhoma-ke manje wezita%&*$. Imvunulo iyikho konke, iyigugu laKwaZulu jikelele," kusho uNgizwe.
Uthe laba abenze lokhu akudingeki nokuthi baze bahlawule ngalokhu abakwenzile kodwa babafisela ubhubhane ngoba bathathe imvunulo iphelele bayigqoka, kumele baboshwe.
"Kumele lona aboshwe ngoba sisezweni elibophayo noma kumele kuxoxwe naye ngoba awukwazi ukuthatha imvunulo yamakhosi neyeSilo iphelele njengoba injalo uyisebenzise, angazi-ke lena KwaXhosa naseMaPondweni ngoba ngibone nalona omunye obeshada oyisita%^*& efake imvunulo yakhona, kungenzeka bakujwayele sebekwamukela, thina la KwaZulu akuvumelekile, sesithule kwanela manje," kusho yena.
Ngizwe Mchunu
Image: Sigciniwe
Uthe abaphila le mpilo abaye kowabo uhulumeni abasungulele eyabo imvunulo, noma bacele abasiki benqephu babenzele okuzoqondana nabo.
"Nathi njengoZulu ngeke siyivume le nto, izitaba... kade zasiqala, uyabona manje uma sebelalana ngazo basibangela izinkinga bayasisukela manje, badelela ibutho likaZulu. Mina ngimenyanya kabi uSomizi ngoba safike sabanjwa ngophondo sixhasa uSweet Guluva engaziwa muntu, wawina umfana kodwa manje wagijima wamhlangabeza, manje uhamba nawe yize simbona ukuthi uyinsizwa ephelele kodwa sibuye singabaze," kuphetha uNgizwe.
Ezinkundleni zokuxhumana abanye abantu bebemeseka uNgizwe ngale nkulumo yakhe, abanye bemgxeka ngokuthi uyacwasa. USomizi akatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba. Abezinhlangano ezimele amalungelo abathandana nabobulili obufanayo bahlale beyingxeka inkululo enolwimi oluqosheme njengekaNgizwe.
Related Topics: