UMCULI kamaskandi uKhuzani Mpungose umemezele abaculi abangu-15 abazoba yingxenye yomcimbi walo nyaka iGcwalisa Spring Picnic: All White ezoba ngenyanga ezayo eThekwini
Image: Sithunyelwe
UKHUZANI Mpungose ongumculi kamaskandi useveze ukuthi yena usesebenzile kule ndima akwenza manje wukulekelela ozakwabo abasanda kungena ukuthi baqhubeke nomsebenzi ukuze ungafi umculo kamaskandi.
Ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zalo nyaka zomcimbi Igcwalisa Spring Picnic: All White, ezoba seKings Park, eThekwini, ngoNovemba 8.
UKhuzani uthe yena ngeke esakwazi ukuqhudelana nozakwabo abakhona manje emculweni emincintiswaneni efana nengoma ezohlukanisa unyaka neminye ngoba yena usekwenze konke lokho waphumelela.
"Ngiyingqalabutho manje, kodwa konke engikwenzayo kuhlanganisa nawo umcimbi lona wukukhuthaza ozakwethu abasesemculweni ukuthi baqhubeke nawo ukuze uye phambili ungafi, ngakho nakulo nyaka senza umcimbi ngenhloso yokubanika ithuba lokuqhakambisa umculo wabo futhi kuvuleke namathuba ahlukene kubona ukuze bafeze amaphupho abo," kusho uKhuzani.
Ukhuthaze ozakwabo abebekhona ukuthi bangalinge bajahe impumelelo njengoba yena yize ayesaziwa emculweni kodwa waqhubeka waba ngunogada kwenye yezinkampani eGoli.
"Hlalani lapho uNkulunkulu enibeke khona manje, luyofika usuku lapho eyoniphakamisa khona nifike lapho nifisa khona, musani ukujaha. Umcimbi walo nyaka uzoba mkhulu kakhulu siyababongela bonke omaskanda abangu-15 abazoshiyelana inkundla kodwa bengifisa ukuthi bafinyelele ku-20. Ngisazoxoxa noNxamalala ngokuthi singabafaka kanjani abanye uma kwenzeka," kusho uKhuzani.
Ngaphambi kokuthi kuqale isithangami nabezindaba kube nengqungquthela abaqale ukuyenza kulo nyaka njengethimba elihlela umcimbi abathe ngayo bafuna ukusiza omaskanda ukuze bakwazi ukuthola imali yabo ezindaweni ezehlukene futhi bazi nemigudu okumele bayilandele ukuze bazi kabanzi ngomculo wabo.
Kubaculi bakamaskanda abazoba yingxenye yomcimbi walo nyaka kubalwa uFalabo, Menzi, Navigator, Umafikizolo, Gatsheni nabanye.
Izolo uNaledi Aphiwe ube wumculi wokuqala omenyezelwe kwabeminye imikhakha abazoba yingxenye yalo mcimbi.
Amathikithi bathe asatholakala eTicketPro, Computicket nakwaSpar.