Ezokungcebeleka

Bayanda abamangalela uNgizwe ngenkulumo ecwasa abathandana nabobulili obufanayo

Nokubongwa Phenyane|Published

ANGASE abhekane namacala okuhlambalaza emphakathini uNgizwe Mchunu ngemuva kwenkulumo yokucwasa ayenze ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili

Image: Sigciniwe

USEMANGALELWE abantu abahlukene ngenkulumo yakhe egxibha abathandana nobobulili obufanayo uNgizwe Mchunu ayenze enkundleni yokuxhumana uFacebook, ngoLwesibili.

UNgizwe uphumele obala wachapha ngezinhlamba abaphila le mpilo ngemuva kokuthi kusabalale izithombe zabesilisa okuthiwa bebeshada ngempelasonto. Izithombe zomshado kaSimon Sean Seun Nhlapho noCrosby Jodwana zigcwale izinkundla zokuxhumana kusuka ngempelasonto.

UNgizwe enkulumweni ayiqophe ekhasini lakhe, iNgizwe Online kwiFacebook, uveze ukuthi okumcasula kakhulu ukuthi laba besilisa abazwana bodwa "nokuyinto eyichilo KwaZulu, basebenzise imvunulo yamakhosi".

Lokhu kumdonsele amanzi ngomsele njengoba emangalelwe kwikhomishini elwelwa amalungelo abantu kuleli, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC).

Kwabammangalele kukhona abaphila le mpilo abathe amazwi kaNgizwe angaqhuba ukubulawa kwabantu abaphila njengabo nokwenzekayo emphakathini.

Inhlangano Uthingo Network iveze ukuthi ayihambisani nokushiwo uNgizwe njengoba kukhombisa inzondo futhi kukhulunywe budlabha emphakathini.

"Inkulumo engadala impi lena eyenziwe uNgizwe emphakathini. UNgizwe njengomuntu odumile emphakathini futhi olandelwa yizinkumbi zabantu, sikholelwa ukuthi ikhasi lakhe ezinkundleni zokuxhumana angalisebenzisa ukubumba isizwe, hhayi ukusihlukanisa njengoba enza yena. Siyanxusa ukuthi umphakathi uyeke ukuqhubeka nokusabalalisa le video ezinkundleni zokuxhumana," kusho le nhlangano.

Bathe abazokwenza ukuthi baye eNkantolo yezoLingana kwamaLungelo nabazovulela kuyo uNgizwe icala.

Nabanye bakhale ngesifanayo bathi lokhu okwenziwa uNgizwe kudala impi nabo baya kule nkantolo ukuze abhekane necala lokuhlambalaza.

USomizi unconywe abaningi yize uNgizwe ebenza ngaye isibonelo, njengoba evele akangaphendula kodwa wenza i-video ethatha imithwalo yakhe evalelisa, ethi uyahamba kuleli.

Umsindo lishone nelayizolo umkhulu njengoba abantu bebesahlukene phakathi, abanye begxeka le nkulumo kanti abanye behambisana nayo.

UNgizwe ekhasini lakhe uphinde wafaka enye eqhubeka nokugxeka le mpilo athe abayiphilayo sebegcwele ngisho endaweni yamabhinca esenkabeni iGoli, KwaMai Mai.