UMLNGISI u-Alfred Majola ozobe elingisa indawo kaNtaba emdlalweni Amalanga Awafani kuSABC ngasekupheleni kwale nyanga
Image: Sithunyelwe
KULINDELEKE ukuthi badonse amehlo abaningi emdlalweni Amalanga Awafani abalingisi abasha abazoba yingxenye yalo mdlalo ngasekupheleni kwale nyanga.
USihle Chiliza, Yenziwe Sithole no-Alfred Majola kuvela ukuthi izindawo zabo zizoletha isifundo emphakathini ngabantu abafihla impilo abayiphilayo.
Ekhuluma ngendawo yakhe uSihle uveze ukuthi indawo ayilingisayo yendodana yeNkosi uMelizwe ibinezingqinamba njengoba ibimenza enze izinto angazijwayele.
SIHLE Chiliza
Image: Sithunyelwe
“Ngangazi ukuthi kulo mkhakha wokulingisa engikuwo ngelinye ilanga kuyofika isikhathi esiyongenza ngilingise izindawo ezingenza ngingakhululeki, ngakho enye yezindawo lena engifikise kuleso sigaba. Ngijabule ukuthola ithuba lokuthi ngilingise kulo mdlalo futhi abaphathi bami bangitshela ukuthi uma ngizizwa ngingakhululekile ngibatshele njengoba ngingajwayele ukuthintwa wumuntu wesilisa, ngenxa yokuba yindoda ethandana nabantu besifazane kuphela empilweni yami yangempela. Kulo mdlalo kuhlukile njengoba ngizothandana nomuntu wesilisa,” kusho yena.
Uthe okumsizile wukuthi alushaye indiva uvalo enze umsebenzi wakhe ngendlela ehlelekile.
YENZIWE Sithole
Image: Sithunyelwe
USihle ufakazelwe wuzakwabo u-Alfred, ozobe elingisa indawo kaNtaba Khumalo, othe naye kube nzima ukulingisa indawo yokuthandana nomunye umuntu wesilisa njengoba ibidinga enze okungaphezu kwakujwayele.
“Kudingeke ukuthi umuntu enze izinto ezintsha angazijwayele njengoba ngingakwazi ukuthandana nomuntu wesilisa. Kodwa kuba ukukhula komuntu lokhu ekulingiseni, ngiyafisa ukuthi le ndawo imeleke kahle ukuze ibe yisifundo nakwabanye,” kusho yena..
UYenziwe ozobe elingisa indawo kaNokwazi uzoqala ukubonakala kulo mdlalo kusuka ngo-Okthoba 27.