UKatlego Mlambo ozohola amajaji ohlelweni iMasterchef SA
Image: Sithunyelwe
UKHUZA ibuya njengomphathi wamajaji ohlelweni iMasterchef SA, umpheki uKatlego Mlambo, oqale ukuba yingxenye yalolu hlelo ngonyaka odlule.
I-Primedia okuyinkampani ekhiqiza lolu hlelo imemezele ukuthi ngeke lusakhonjiswa kwiSABC kusuka ngonyaka ozayo.
Bathe isizini entsha yesithupha izokhonjiswa kwi-e.tv ngeSonto ngo-6 ntambama.
Ekhuluma ngethuba alitholile uKatlego uthe yize ukupheka kusuka kudala kwakuyinto ayephupha ngayo, kodwa wayengazi ukuthi kuzomfikisa lapho ekhona manje.
"Okokuqala ngifuna ukukhuthaza abantu abathanda ukuziphekela emakhaya ukuthi kube yibona abazama inhlanhla yokungenela uhlelo olufana nalolu, ngoba kulona kusuke kuthuthukiswa amakhono alabo bantu bawine imali engabenza baqhubeke nokufundela ukupheka baze bazivulele awabo amabhizinisi. Ngizothanda ukuhlangana nabantu abakhonze ukupheka ukudla kwesintu kodwa bakushintshe kube sezingeni lokudla okudliwa emazingeni aphezulu," kusho uKatlego.
Uthe okunye okuzokwenza abazobonakala kulo bagqame wukuthi luzoqhubeka nokukhonjiswa esiteshini esingakhokhelwa nokuzobavulela amathuba.
"Ngifuna abantu abazongishiya ngimangele ngokudla abazobe besilungisela khona, njengoba bese ngichazile okwesintu. Ngiyayithanda kakhulu inyama yangaphakathi, isitambu, ukudla okuyizibiliboco okuphekwa uma kuyiSonto, inyama eyosiwe neBobotie, ngiyanxusa kwabazoba sohlelweni ukuthi bangalinge basabe ukwenza lokhu kudla," kusho yena.
Kulo nyaka ozodla umhlanganiso uzokhala amuke nemali engu-R1 million.
Ukungenela kulaba abafuna ukuba yingxenye yohlelo abakwaPrimedia bathe kuzovalwa ngo-Okthoba 16.
Kwenzeka lokhu nje le nkampani isanda kumemezela izindaba zokuthi izinhlelo ezake zaba nedumela kuleli okukhona kuzo ama-Idols SA, Dancing with the Stars nezinye basezinhlelweni zokuthi zibuye ngonyaka ozayo.
Bathi lokhu bakwenza ngokuhlanganyela nenkampani yaseMelika eyenza izinhlelo zobumnandi.
Related Topics: