UMCULI uT'zozo Zulu ophinde abe ngumhleli wemicimbi yobumnandi
Image: Sithunyelwe
ABAHLELI bemicimbi yobumnandi eThekwini, sebephumele obala ngokufuna kululwe isikhathi okumele bayivale ngaso ngamaholidi kaDisemba, nabathi kuzoqinisekisa ukuphepha kwezithameli.
Lokhu bakuveze ngesikhathi behlangene eKZN Music House eThekwini, ngoLwesibili.
“Bekukhona uSplash INKasi, DJ Sox ohlela iDurban Underground, Tate Mchunu woMgababa New Year’s Picnic, Sipho Ndaba weLast Dance, Paul Mdiniso we-Any Given Sunday, Mdu Ngcobo weDurban Jazz, oweSisters With Soul, nobemele uDladla Mshunqisi. U-DJ Merlon unathi kodwa ubephesheya noDJ Tira ubesuka eBloemfontein,” kusho uThokozani “T’zozo” Zulu obeyingxenye yomhlangano.
Uthe bafuna ukuhlala phansi noMasipala weTheku, ukuze kuxoxwe ngodaba lokwelulelwa isikhathi semicimbi emikhulu eyenzeka kuleli dolobha.
UT’zozo obambisene noTate ekuhleleni iMgababa New Year’s Picnic, uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi ukushesha ukuvalwa kwemicimbi kubeka izethameli engcupheni yobungozi nobugebengu.
“Sibone ukuthi kumele sibheke lolu daba kusemanje. Ngeke siqambe amanga, kuyasilimaza ukusheshe kuqedwe imicimbi uma kunguDisemba. Imicimbi esuke imikhulu lena ngakho abantu badinga ukujabule kuze kuse. Ukuqeda umcimbi ngo-12 ebusuku kuyasilimaza futhi kulimaza nomnotho wedolobha ngoba bayehla abahambela imicimbi ngenxa yakho ukusheshe iqedwe. Uma uvala ngo-12, abantu abaphephile ngoba ezokuthutha zisuke zingekho, kumele ivalwe ngo-5 ekuseni sekukhanya,” kusho uTzozo.
Uthe abangakuvuma kwenzeke ukuthi kubekwe isikhathi okumele bayeke ukudayisa ngaso utshwala kule micimbi.
“Uma unemvume yokudayisa utshwala uyatshelwa ukuthi ngo-2 ekuseni, kumele ube usuvala endaweni yakho. Nathi singacela ukwenzelwa imigomo enjalo kodwa kungavalwa umcimbi wonke, siyalimala. Ukuhlala kwabantu kuze kuse emcimbini kungabasindisa ukuthi bangalimali emgwaqweni ebusuku bephuzile, bangaphumi phakathi kwamabili babize izimoto okungenzeka uma bengabesifazane badlwengulwe noma babulawe ngoba kubonakala ukuthi baphuzile. Yizona zonke izinto esifuna ukuzigwema ngokuqeda imicimbi sekukhanya futhi sekukhona nezinto zokuhamba eziphephile, nabantu sebehlise ukuphuza utshwala,” kuchaza yena.
Uthe phakathi nesonto, kumele bavale ngo-9.30 ebusuku nokuyinto eyinkinga ngoba amanye amaholidi aba phakathi nesonto.
Uthe ezinye izikhathi abazocela ukuthi imicimbi ingasheshe iqedwe ngazo uma kunemicimbi efana neHollywood Durban July nangePhasika.
Okhulumela amaPhoyisa kaMasipala weTheku, uColonel Boysie Zungu, uthe imithetho yedolobha ithi imicimbi kumele iphele ngo-12 ebusuku.
“Lokho kwenzelwa ukuthi abantu bakwazi ukulala. Kunabantu abasuke besemahhotela nezakhamuzi ezingawudingi umsindo. Uma benesikhalo kuzofanele kushintshe imithetho yedolobha kodwa khumbula ukuthi ayakhelwa umuntu oyedwa,” kusho uZungu.
Uthe bebeye babaxegisele, bengavali ngesikhathi kodwa kwaphoqeleka ukuthi baqinise isandla ngenxa yezikhalo.
“Sike saba necala lapho elinye lamahhotela eMhlanga, likhala ngokuthi imithetho ayiqiniswa kahle ngenxa yalokho lilahlekelwa inkontileka yabashayeli bamabhanoyi abangakwazi ukulala ngenxa yomsindo. Awubuke-ke nawe usushayelelwa umuntu ongalalanga. Umnotho wedolobha uzolimala uma amahhotela eselahlekelwa amakhasimende,” kusho uZungu.
Uthe azikho izigameko abake babhekane nazo ngenxa yabantu abasuke bephelelwe yizinto zokuthutha emicimbini.
“Umuntu uma eya emcimbini kumele azihlelele ezokuthutha. Uma wazi ukuthi umcimbi engiya kuwona uphela ngo-12, kumele ibhasi, ikhumbi noma i-uber ezongilanda ngiyilungise. Kufana noma kudlala ibhola siyazi liphela nini, bese sizihlelela okokuhamba,” kuchaza uZungu.
Related Topics: