Ezokungcebeleka

UKhuzani uhoxe ngomzuzu wokugcina emcimbini wokuhlonipha uShabalala

Nokubongwa Phenyane|Published

UMCULI kamaskandi, uKhuzani Mpungose, oveze ukuthi ngeke esaba yingxenye yomcimbi wokuhlonipha uSolwazi Joseph Shabalala

Image: Facebook

UMCULI kamaskandi, uKhuzani Mpungose, useveze ukuthi ukhethe ukungabi ingxenye yomcimbi wokubungaza impilo kaSolwazi uJoseph Shabalala, ongasekho ngenxa yokungaboni ngaso linye obekukhona phakathi komndeni nabahleli bawo.

Lo mcimbi ububanjwe izolo, ePlayhouse, eThekwini, kuwo obekungenwa mahhala nobuhambisana lokubungaza usuku lwamagugu.

Wona ubuhlelwe iciko elidume ngokuba yingxenye yomdlalo iThe Lion King uLebo M.

Ekhuluma neSolezwe, uKhuzani uthe ukukhathazeka komndeni ngalo mcimbi yikhona okumenze wahosha izinyawo.

“Ngokuhlonipha okukhulu ngenxa yokuthola ukuboniseka kubantu abadala kunami, ngikhethe ukungabi yingxenye yalo mcimbi ngoba kukhona izinkinga umndeni ozivezayo ngawo. Nami ngibone ukuthi ngikulalele lokhu engiboniswa kukhona. Ngiyaqonda ukuthi kuzodala ubuhixihixi ukungabi bikho kwami kulo mcimbi kodwa konke ngizokuhambisa ngendlela njengoba ngizophindesela emuva ngisho imali akade bengiqashe ngayo,” kusho uKhuzani.

Uthe ingu-R57 000 imali akade ekhokhelwe yona, nafuna ukuyibuyisela injalo ukuze bangalahlekelwa ilutho ngokungezi kwakhe.

Uveze ukuthi akubanga isinqumo esilula lesi asenzile, njengoba ebukhathalela ubudlelwano anabo nabahleli bomcimbi futhi ewazi nomsebenzi abawenzile ukuze wenzeke. 

“Ngiyathemba bazokuqonda engikwenzile futhi bazongibekezelela ukuya phambili,” kusho uKhuzani. 

UNkk Thokozile Shabalala uke waveza ukuthi uthukile futhi waphatheka kabi ngesikhathi ezwa ngomcimbi wokuhlonipha umyeni wakhe odlule emhlabeni ngo-2020, emuva kokugula isikhathi eside.

“Ngithukile uma kuthiwa uJoseph Shabalala. Angazi ngingabeka ngithini. Mhlawumbe umthetho waseNingizimu Afrika obavumayo, abafelokazi abamelelekile. Kwalo muntu uLebo M angimazi. Angikazi ngimbone nalayi khaya ubaba esaphila noma esegula. Ingiphathise ngokhwantalala le nto,” kusho uNkk Shabalala.

Esitatimendeni esikhishwe uLebo M, uveze ukuthi uShabalala yiqhawe elisezingeni lomhlaba abazizwa benenhlanhla ngokulihlonipha ngoSuku lwamaGugu.

"Izinsika zami ezintathu ezigqugquzelwe wuJoseph Shabalala yilezi futhi kuzohlala kuyizo; ukusabalalisa injabulo ngomculo, ukusabalalisa uthando ngomculo nokuhlanganisa umhlaba ngomculo," kusho uLebo M.

Kulo mcimbi abanye abebezonandisa kubalwa iqembi iThee Legacy, Big Zulu, Blaq Diamond, Sjava, Boity Thulo nabanye.