Ezokungcebeleka

UBonko uchaza ngendawo ayilingisa emdlalweni iLevels

Nokubongwa Phenyane|Published

UBonko Khoza olingisa indawo yomseshi uSteve Vilakazi emdlalweni iLevels kuMzansi Magic

Image: Image: Supplied

UNEPHUPHO lokuthi imidlalo yakuleli ayingxenye yayo ibe negalelo lokwenza kahle ngisho nakwamanye amazwe uBonko Khoza, kulezi zinsuku olingisa izindawo eziphambili emidlalweni emikhulu okubalwa kuyo iThonga neLevels.

Le midlalo yomibili ikhonjiswa kuMzansi Magic phakathi nezinsuku nageSonto.

UBonko uthe ukuba yisibonelo entsheni esakhula efuna ukungena ekulingiseni yikhona akufunayo, kodwa ikakhulukazi eyalapho ezalwe khona.

“Uyabona abantu okhule nabo bebadala kuwe noma bebancane kumele uma bekubona ukhula wenza kahle emkhakheni okuwo bese bevuseleleka, babe nogqozi lokwenza kahle ezintweni abazizamayo. Nami ngifuna ukuthi intsha yalapho ngizalelwe khona ibone ukuthi ngempela amaphupho ayafezeka uma nje usebenza kanzima. Nami ngicabanga ukuthi ngikuleso sigaba manje sokuthi umsebenzi wami uyazikhulumela ngakho sengilapho ngifuna ukusiza khona abanye,” kusho uBonko.

Uthe ukulingisa ngenye yezindlela ezimsebenzele ukuze adlule ezimeni ezinzima adlule kuzo.

“Ngilaphekile emoyeni ngenxa yokulingisa futhi kwangisiza ngakwazi nokuxhumana nabantu abahlukene, ngagcina ngikwazi ukudlula kwezinye izimo. Ngakho noma ubani ofuna ukuphumelela ngingamtshela ukuthi akathole into ezomenza adlule ezimeni ezinzima abhekene nazo, njengoba nami ukulingisa kungisebenzele. Nokulalela abantu abadala kulo mkhakha kungisizile ngoba bangikhombisa indlela eyiyo,” kusho yena.

Uthe okwamanje abalandeli bomdlalo iLevels kuningi abasazokubona endaweni kaSteve Vilakazi, ayilingisayo njengoba iza nokuningi.

Uveze ukuthi yize uSteve engumphenyi ohamba phambili nodumile kodwa naye unamaphutha akhe njengoba engelona iphoyisa eligcina umthetho, unezinkinga eziningi.

“Yize aziwa ngamaphutha akhe, kodwa usohambweni lokuzama ukulungisa konke okubi aziwa ngakho. Kukhona abantu abazozibona kulo mlingiswa njengoba nami kukhona engikufundile kuye,” kuchaza uBonko.

UBonko uzakhele igama elingisa indawo ephambili emdlalweni iThe Wife akagcinanga lapho ngoba nomdlalo iRed Link ukwemenze wahlonishwa kakhulu.