UFELIX Hlophe nonkosikazi wakhe uTracy Smith
Image: Sigciniwe
OWAYEYINTOMBI kaFelix Hlophe ongumsakazi weGagasi FM, u-Ayanda Bhengu, usexolise esidlangalaleli ngemuva kokusola uTracy Hlophe ongunkosikazi kaFelix ukuthi umbambise ijazi kwenye yezingane zabo.
U-Ayanda ukhiphe isitatimende exolisa ngalolu daba abake baxoxa ngalo ohlelweni lomndeni wakwaHlophe, iLife with Felix Hlophe obelukhonjiswa kuMzansi Magic, oluphele ngenyanga edlule.
U-AYANDA Bhengu obethandana noFelix Hlophe osexolisile ngokukhuluma esidlangalaleni nokuzalwa kwendodana yalo msakazi
Image: facebook
UTracy waveza ukuthi ubudlelwane bakhe no-Ayanda baphela ngemuva kokumsola ngokungathembeki emshadweni wakhe.
Waze wahlangana naye embuza ukuthi kungani esola ukuthi enye yezingane zakhe akuyona ekaFelix.
Esitatimendeni u-Ayanda uthe uxolisela ukuthi wakhuluma esidlangalaleni ngale ndaba uTracy ayemtshele yona bebobabili.
“UTracy wayengitshele ukuthi abantu bathi indodana yakhe ungathi akuyona ekaFelix, ngiyaqonda wangitshela lokhu sisobabili engihlebela kodwa mina ngagcina ngikhulume kumyeni wakhe nasohlelweni lwethelevishini. Ngiyabuqonda ubuhlungu engibuzwise umndeni wakwaHlophe, ngiyaxolisa ngokugxambukela,” kusho u-Ayanda.
Uthe ayekukhuluma kwakungasuki kuye kodwa uyaqonda ukuthi ngesikhathi ekusho akuphumanga ngendlela ekahle.
“Ukukhuluma ngento engangingahlangene nayo uTracy ayisho kimi ngoba engithemba ngiyabona ukuthi yikhona okuqede ubudlelwane bethu futhi kwadala ubuhlungu nokudideka kwabaningi. Ngiyaxolisa enganeni yakhe ngoba ngelinye ilanga iyokhula ibone ukuthi kwenzekani, yize kungithathe isikhathi eside ukuxolisa kodwa bengingafuni ukwenza izinto ngokujaha bengifuna ukuxolisa ngesikhathi esifanele,” kusho yena.
UFelix noTracy bebengakaze bathi vu ngokuxolisa kuka-Ayanda selokhu exolisile .
Related Topics: