UMLINGISIi, uVuyo Biyela, ozobonakala emdlalweni iGenesis kuleli sonto
Image: Facebook
ABALINGISI okukhona kubo uVuyo Biyela, uSiyasanga Papu nentokazi eyaphuma isibili ohlelweni oluthungatha amakhono, ama-Idols SA, uMmatema Moremi, bakubalingisi abasha abazobonakala emdlalweni iGenesis kuMzansi Magic.
Lo mdlalo ukhonjiswa phakathi nezinsuku ngo-7.30 ebusuku.
UVuyo ogqame emidlalweni okukhona kuyo iSibongile & The Dlaminis, iThe River, uzoqala ukubonakala kulo mdlalo kusasa nalapho ezobe elingisa khona indawo kaLizwi Phakathi.
"ULizwi wumfana omuhle futhi olandela imithetho yebandla njengoba ezalwa ngumfundisi, nobuyela emishini lapho kuhlala khona umndeni wakhe njengoba kade ephesheya kwezilwandle ukuzoqhubeka nomsebenzi webandla. Kodwa emqondweni wakhe usanothando lwentokazi ayishiya ngesikhathi ehamba futhi uzimisele ukuthi ayishade ngokushesha," kusho uVuyo.
Uthe kukhona impi enkulu ezosuka uma uLizwi esefuna okungokwakhe nokuzoba wuhambo lokuthi kube khona ohlengwayo.
"Ngikujabulele ukuthola indawo efana nalela, sengikubheke ngabomvu ukuthi ababukeli bayibone babone ukuthi uLwazi ubaphatheleni. Ngiyazi abantu abaningi bazomthanda kakhulu indlela enza ngayo izinto nanothando ngayo, ngisho nje abukeka ngayo izomenza abe nogazi," kuchaza yena.
USiyasanga owaduma emdlalweni iGomora uzobe elingisa indawo kaNokuthula Dlamini futhi uzoqala ukubonakala ngoMsombuluko ozayo.
UMmatema Moremi yena manje osedume ngokuba umculi wokholo useqalile ukubonakala njengoba elingisa indawo kaBasetsana Serite.
Kulo mdlalo ungomunye wabaculi abadumile futhi owaziwa ngephimbo lakhe elithandwa abaningi emculweni kodwa inkinga yakhe unokungazethembi.
Kulo mdlalo abakwaM-Net baveze ukuthi uBasetsana uzithola engazi ukuthi enzeni njengoba elandelwa udumo kodwa futhi engafuni ukushintsha indlela ayiyona.
Related Topics: