Ezokungcebeleka

Ulaxaze ingoduso obonakale efuna umshado ohlelweni lweTV

Nokubongwa Phenyane|Published

UTHEMBA Khosa nonkosikazi wakhe uNelisa Ntabeni osekuvele ukuthi bashade kwithelevishini ohlelweni iMarried At First Sight Mzansi

Image: X

SEKUVELE ukuthi ubeshiye ingoduso waya kofuna umshado ohlelweni lwethelevishini omunye wezinsizwa ezintathu ezibonakala kwisizini yesibili yohlelo i-Married at First Sight ekhonjiswa kuMzansi Magic (161), ngeSonto ngo-6 ntambama.

UThemba Khosa oshade noNelisa Ntabeni kulolu hlelo, sekuvele ukuthi washiya ingoduso yakhe ingazi lutho neyamangala isimbona ohlelweni.

Ingoduso yakhe okuvela ukuthi uSponono kuthiwa igcine ifonela ophrojusa balolu hlelo ibatshela ukuthi uThemba uthandana nayo futhi uyilobolile.

Esiqeshini sangeSonto esiya kulo, kuyavela kumazwibela lona wesifazane efika ezochaza uhlangothi lwakhe.

Kodwa izolo uThemba uqophe i-video echaza ukuthi uyavuma ukuthi wayesathandana nengoduso yakhe eza kulolu hlelo kodwa manje akusenjalo.

"Sengiyitholile injabulo ebengiyibheka, ngiyalivuma iqiniso lokuthi ngingene ohlelweni ngisathandana nomama wezingane zami manje engingasathandani naye, yebo ngamlobola. Okunye futhi engokuvumayo ukuthi yebo, amasonto amabili sisaqala ukuqopha kulo uhlelo sasikhuluma kodwa manje akusenjalo. Ngendlela engifike ngazizwa ngayo ngoNelisa engishade naye manje ihlukile, kungakho ngakhetha ukumfonela umama wezingane ngimtshele ngosekwenzeka, ngathola ukusatshiswa," kusho uThemba.

Uthe akanankinga nezithombe ezilokhu zivela ezinkundleni zokuxhumana ezathathwa ezolobola, isinqumo asithathile yisona esimjabulisayo.

"Bekumele ngibe nomhawu uma kuziwa kulolu daba, injabulo yami iyona ebiza kuqala. Ngakho ngeke ngikwazi ukuphendula wonke umuntu ongigxekayo ngesinqumo sami, bengifuna injabulo. Ngisithathile isinqumo sami, abaveze noma yini abathanda ukuyenza kodwa mina uyena umuntu lona ebengimlindele impilo yami yonke futhi ngijabule," kuchaza yena.

Uveze ukuthi kade alulindela lolu suku la kuzovela konke ngaye nokwenzakalayo manje kodwa abantu abaqhubeke babuke uhlelo, njengoba lungakapheli.