UZOFIHLWA ngoMgqibelo, uSiyanda Mvelase, owabulawa ngesihluku eGoli, ngemuva kokuqubuka kwempi yosomatekisi nabashayeli bezimoto ezikhokhisa ngebanga olihambayo
Image: Facebook
KULINDELEKE ukuthi afihlwe ngoMgqibelo, uSiyanda Mthokozisi Mvelase (27), waseNhlungwane, oLundi, owaba isisulu sokudutshulwa ashiswe engxabanweni okusolwa ukuthi yayiphakathi kosomatekisi nabashayela izimoto ezikhokhisa ngebanga olihambile, eGoli.
USiyanda sekuphele isikhathi esingamasonto amabili abulawa kodwa ubengakafihlwa njengoba bekusalindeleke ulibofuzo.
Umndeni wakhe uveze ukuthi amalungiselelo omgcwabo wakhe aseqalile njengoba imiphumela isibuyile yaqinisekisa ukuthi uyena.
Umalume kamufi, uMnuz uMlamuli Khuzwayo, uthe izinsalela zomzimba womshana wakhe zizokwehla ngoLwesihlanu, zisuka eGoli bese eyafihlwa ngoMgqibelo.
“Sibonga ukuthi konke bakwenze ngokushesha ukuze sikwazi ukumfihla,” kusho yena.
Ukubulawa kukaSiyanda kwasusa omkhulu umsindo, umphakathi waseSoweto ungafuni lutho olubahlanganisa namatekisi asebenza enxanxatheleni yezitolo iMaponya Mall.
Ukubulawa kwalo mshayeli - okwavela ukuthi wayenezinsuku eqale ukusebenza - kwaba nzima ngisho emndenini wakhe njengoba umama wakhe, uNksz Khonzi Khuzwayo, kwavela ukuthi akazamukelanga kahle izindaba zokushona kwendodana yakhe, abesethembe yona ukuthi izomsiza ekhaya, okwenze ukuthi agule aze ayiswe esibhedlela.
Umndeni wawukhala ngokuthi ngeke baze bakuthole ukuthula njengoba bezongcwaba umlotha okuyinto ebaphatha kabi njengoba kuthiwa kusele ithambo lomlenze kuphela.
"Okubuhlungu kakhulu ukuthi sesitsheliwe ukuthi ushe ungumlotha akabonakali nokuthi uwubani, into eshoyo ukuthi umuntu ithambo lomlenze okuyilona elisele. Bekungenzeka sithobeke amanxeba uma ukube bamshiya kanjalo ngemuva kokuthi bemdubulile umzimba wakhe siyawubona. Asinamali yokungcwaba. Asinalutho,” kusho uKhuzwayo.
Izindaba zokushona kukaSiyanda zathinta abaningi njengoba uNgqogqoshe wokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Mbali Shinga, ahambela umndeni futhi bathembisa ukusiza ezinhlelweni zomgcwabo.
Nosomabhizinisi abahlukene bafaka isandla ekutheni afihlwe ngesizotha uSiyanda.