Ezokungcebeleka

Uthole elinye ithuba umlingisi kuMiss SA

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI uLuyanda Zuma ophinde wathola elinye ithuba lokuba sezintokazini eziyishumi ezizobanga isicoco sikaMiss South Africa

Image: Sigciniwe

UZOPHINDE azame inhlanhla yokuhlabana ngesicoco sikaMiss South Africa umlingisi ogqame emdlalweni iShaka Ilembe, uLuyanda Zuma (23) waseMgungundlovu.

ULuyanda usezintokazini eziyishumi ezizoqhudelana emcimbini walo nyaka kaMiss SA.

Umcimbi wanonyaka kulindeleke ukuthi ube maduzane njengoba abahleli bethe ziningi izimemezelo abasazozikhipha.

ULEBOHANG Msimanga waseMpangeni osezintokazini ezimele iKwaZulu-Natal kuMiss SA

Image: Sithunyelwe

Kodwa abakuvezile wukuthi namhlanje bazomemezela abangu-10 abazobanga isicoco salo nyaka.

Ngo-2022 uLuyanda waba kwabayishumi ababengenele lo mcimbi kodwa wakhala ngaphansi.

Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uLuyanda uveze ukuthi ukuthola leli thuba kusho ukusebenza kanzima.

ULUYANDA osezintokazini ezimele iKwaZulu-Natal kuMiss SA

Image: Sithunyelwe

"Ngizimisele ngokuthuthukisa umphakathi uma ngihlabana ngalesi sicoco. Okunye engizimisele ukukwenza wukufaka isandla ekutheni izindaba zase-Afrika zibonakale emazweni ahlukene ngisebenzisa imidlalo yethelevishini njengoba ngisanda kusungula inkampani iLeNZ Media ukwenza lo msebenzi ngisebenzisana nentsha esanda kuthola iziqu  emikhakheni ehlukene endimeni yobumnandi," kuchaza uLuyanda.

Uthe okunye akuthandayo wukuchitha isikhathi sakhe nezintandane njengoba enesikhathi eside esebenzisana nenhlangano iNonhlelo Foundation.

ULebo Msimanga (27) waseMpangeni uveze ukuthi waqala emncane ukulandela lo mcimbi njengoba manje eseyingxenye yawo futhi ufuna ukuba ngomunye wabesifazane abasebenzisa iphimbo labo ukulwa nezinto ezihlukene eziyisihlava 

"Uma ngithola ithuba lokuhlabana ngesicoco ngizoba yiphimbo lentsha ekutheni ilwele ukuhola ezikhundleni ezihlukene uma ithola ithuba nokuthi isebenzele ukuthola izisombululo igcine  eisizethemba kusukeka ebuncaneni," kusho uLebo.

Ezinye izintokazi ezizoqhudelana kulo mcimbi ng uNelly Mashile (28) waseBenoni, Qhawekazi Mazaleni (24) wase-East London, Nthabiseng Kgasi (30) waseGauteng, Karabo Mareka (28) waseGauteng, Ghee-Ann Rademan (23) waseCape Town, Bridgette Jones (28) waseCape Town, Zanele Phakathi (27) waseGauteng noGizelle Venske (27) waseGauteng

Emajajini alo mcimbi kukhona intokazi eyake yadla umhlanganiso kulo mcimbi uNdavi Nokeri, intatheli uDevi Govender noLiziel van der Westhuizen.

Inhlangano iMiss South Africa ehlela umcimbi ibingathi vu ngokuthi umcimbi uzoba khona noma cha njengoba sekwahamba umphathi uStephen Weil.

UStephen washiya le nhlangano ngoJulayi.