U-PEARL Thusi oveze okwenzeka phakathi kwakhe noThabo Bester athi wacishe wambulala ngemuva kokumthembisa umsebenzi enkundleni yokuxhumana uFacebook
Image: Sigciniwe
UCHIPHIZE izinyembezi ekhumbula isikhathi ebhekene nombulali futhi ongumdlwenguli owamsabisa ngommese, umethuli wezinhlelo uPearl Thusi nokade ekhuluma ngakho ohlelweni iBeauty and the Bester, ekhonjiswa kwiNetflix kusuka ngoLwesihlanu.
UPearl ube ngomunye wosaziwayo abavele kulolu hlelo bechaza ukuthi kwenzakalani behlangana nBester owayebathembisa izigidi zemali, njengoba ayethi ubafunela umsebenzi.
Kuleli qophamlando, abomndeni kaBester nentombi yakhe uDkt Nandipha Magudumane, baxoxa ngabakwaziyo okwenza laba bahlangana.
UPearl uthe uBester wamazi eqala ukumbona enkundleni yokuxhumana iFacebook nala amcela ukuthi basebenzisane njengoba befuna umethuli wohlelo abazolwenza nala azohola khona imali ewu-R70 000.
"Inkundla iFacebook ngaleso sikhathi yayisahamba phambili lezi ezinye zingakabi bikho. Saqala ukuxhumana naye ngoJuni, wango-2011, wangitshela ngethuba lomsebenzi analo, sase sihlela ukuthi sohlangana kanjani, nangempela sakwenza lokho. Ngafika kuye wagibela emotweni sahamba imizuzu engu-25, wabe esengitshela ukuthi angijikele komunye umgwaqo, ngathi ngisahamba ngawo waphela, uma ngimbuka kula ngabona khona ukuthi usephethe ummese uwubhekise kimi. Ngathuka kakhulu ngazibona ngiyisilima, ngambuza ukuthi kungani enza lokhu? Wangitshela ngobunzima bempilo yakhe nezinto asedlule kuzo," kusho uPearl.
Uthe ngenxa yokuthi uyikholwa waqala ukumshumayeza futhi wamtshela ukuthi akashintshe impilo yakhe azinikele kuNkulunkulu ashintshe.
"Ngamxhumanisa nomfundisi wami ukuze athole usizo, sathandaza sisonke futhi sahamba saya kamfundisi kodwa sisendleleni, ngabona ngeveni lamaphoyisa bamthatha nokula ngagcina khona ukumbona. Engingakusho nje ukuthi uThabo uwuhlanya, ungumuntu osebenzisa ubuhle bakhe ukuheha abesifazane futhi unolimi kakhulu," kusho yena.
Uveze ukuthi ubonga uNkulunkulu ngokumvikela kumuntu ofana noBester njengoba wayengamazi ukuthi ungubani.
UHappy Simelane ozakhele igama ohlelweni iThe Mommy Club, naye uphumele obala ngokuhlangana noBester noMagudumane, wathi laba bambiza eKapa, bethi bafuna umethuli wohlelo.
"Ngaqala ngahlangana noThabo endaweni yokudla eGoli, wathi bafuna ngiye eKapa ngiyokwenza inhlolokhono yohlelo lwabo njengoba baxhumana nami enkundleni i-Instagram. Ngempela sahlangana kodwa khona into eyayingalungile ngale nkulumo yethu. Wathi ngonyaka singenza imali engango-R53 million nokula ngabona ukuthi ayikho le nto. Ngafonela uNandipha wathi konke okukhulunywa ilona wesilisa iqiniso kodwa sekumele ngihambe angihambanga," kusho yena.
Uthe wathuka esebona beboshwa nokwamenza wadinwa njengoba uNandipha wayemdayisa ngenxa yokuthi wayengazi ukuthi wayezokwenziwani eKapa.
"UNandipha wayazi ukuthi nginezingane ezisanda kushonelwa ubaba wazo, kwanami kwakungenzeka ngizobulawa, konke lokho akangiqwashisanga ngakho, wacishe wangiyekela ngahamba nombulali," kusho yena.
Related Topics: