U-ASH-LEY Ogle useqinisekise ukuphela kothando lwakhe noSweet Guluva
Image: Instagram
IZITHANDANI ebezithandwa abaningi ezahlangana ohlelweni iBig Brother Mzansi ekuqaleni kwalo nyaka, uSweet Guluva (Akhonamathemba Mbele) no-Ashley Ogle, sebezinisekise ukuphela kothando lwazo .
U-Ashley waseThekwini uyena oveze lezi zindaba ekhuluma noLasizwe kwiPodcast iDrink or Tell The Truth.
Le ntokazi iveze ukuthi uSweet Guluva wayala wayitshela ukuthi akuphele ngothando lwabo.
"USweet Guluva uyena owangala. Ngaphoqeleka ukuthi ngihambisane nakho konke ayesekushilo. Ngeke ngiqambe amanga ngiyamthanda uSweet Guluva futhi ngiwumlandeli wakhe omkhulu kodwa umuntu engingamthandi ngu-Akhonamathemba. Ngicabanga ukuthi uSweet Guluva wayengithanda kakhulu kodwa u-Akhonamathemba, ubengangithandi ngendlela engifuna ngayo," kusho le ntokazi.
Uthe konke okwenzekile kwamshiya emangele njengoba ubengazi ukuthi kusuka kuphi.
“Uma kukhona into ezokwenzeka ikakhulukazi othandweni uyabona, kodwa kimi kwahluka njengoba kwakungekho okusolisayo futhi ngasala ngimangele. Sekuphele isikhathi esingangenyanga manje kwenzeka, ngize ngazama ukuziphoqa ukuze ngithole isizathu esiholele kukhona konke kuye kodwa ngahlukela, nami futhi uma ngijula ngomcabango akukho okufikayo okungaholela ekutheni size sihlukane," kuchaza yena.
Ngokuka-Ashley akukho okubaxabanisile obekungenza bahlukane, kodwa amtshele khona wukuthi umatasa uyasebenza.
Uveze ukuthi akubonayo wukuthi u-Akhonamathemba ubengenazo izinhlelo ezinhle no-Ashley, kodwa uSweet Guluva ahlangana naye endlini kaBig Brother wayenezinhlelo ezinkulu ngo-Ashley.
Ngesikhathi kuphela uhlelo uSweet Guluva wayengafuni ukukhuluma ngothando lwabo kepha wakuqinisekisa ukuthi bayathandana, wathi kodwa abazokwenza ngeke bakuvezele umphakathi konke.
Ngesikhathi kuvela lezi zindaba abalandeli babo badumala ngokushiwo ngu-Ashley kodwa bamfisela konke okuhle empilweni.
Insizwa yaseNquthu, uSweet Guluva, ibingakaze iphawule ngemuva kokuvela kwalezi zindaba.
Related Topics: