UDJ Vumar okhethe ukushiya emsakazweni Igagasi Fm njengoba aba sengozini yemoto ngoMashi nonyaka eyamshiya elimele kabi emlenzeni
Image: Facebook
UKULIMALA kanzima engozini yemoto eyamehlela ngoMashi nonyaka yikhona okuphoqe umsakazi weGagasi FM, uDJ Vumar, ukuba akhethe ukushiya kulo msakazo.
Izolo ekuseni iGagasi FM limemezele izindaba zokuthi uDJ Vumar uyashiya kulesi siteshi ngemuva kokuba nezingxoxo nabaphathi bakhe.
Kulo msakazo ubesakaza izinhlelo ezimbili oluthi Sunrise Sessions phakathi nezinsuku ekuseni kusuka ngo-4 kuya ku-6 noluthi Dance Cabin ngoMgqibelo ngo-10 kuya ku-1 entathakusa.
Esitatimendeni abasikhiphile akuvelanga ukuthi uyaphi nokuthi yisiphi isizathu esimenze wathatha lesi sinqumo.
Isolezwe ngesonto eledlule lihoshe umoya wokuthi kukhona umsakazi ozoshiya kulesi siteshi, kodwa imithombo yethu ibingakabi nalo ulwazi oluphelele.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulo msakazo uveze ukuthi ukulimala engozini yemoto yikhona okumphoqe ukuthi ashiye kulesi siteshi njengoba esadinga isikhathi eside ukuze alulame.
“Bekufihliwe ukuthi uVumar wavelelwa yingozi yemoto okuyiyona emphoqe ukuthi akhethe ukushiya emsakazweni. Usafuna ukululama okwamanje njengoba kukuningi okumele adlule kukho. Walimala kabi emilenzeni yomibili, isimo sakhe besisibi kakhulu namanje futhi akukabi ngcono. Ubonile ukuthi kusekude ukuthi abuyele emsakazweni kungcono ashenxe,” kusho umthombo weSolezwe ngamafuphi.
Esitatimendeni uVumar uveze ukuthi uyasibonga isikhathi asichithe kulo msakazo njengoba kube wuhambo olumnandi kuye wakhula.
“Ngiqale ukuba yingxenye yalo msakazo ngimncane, ngichithe iminyaka ngikhula kuwo ngaze ngaba wumsakazi engiwuyena manje. Baningi abantu engihlangane nabo abagcine bengabangani bami abanye bangikhulisa bangibonisa indlela okumele ngihambe ngayo. Konke engikutholile ukuze ngiwenze kahle umsebenzi kungenze ngakhula ngaba yilo muntu enginguye manje, ngakho Igagasi ngiyohlala ngilihlonipha ngelingenzele khona,” kusho uVumar.
Uthe uzoqhubeka nokukhulekela wonke umuntu kulo msakazo futhi uzokukhumbula nokusebenza khona kuhlanganise nabalaleli.
U-Alex Mthiyane ongomunye wezikhulu kulo msakazo uthe bazohlala bemkhumbula uVumar ngamagalelo akhe kulo msakazo.
Uthe uVumar ubewuthanda umsebenzi njengoba bekuthi ngisho abanye ozakwabo bengekho uma bemcela ukuthi akabambe ubengena athi khaxa kulolo hlelo azimisele.
Ezinhlelweni abezisakaza uthe kuzoqhubeka kubambe uKhulekani Mbambo noNkulee Mbatha.
Related Topics: