Ezokungcebeleka

Sibhekwe ngabomvu isinqumo kwelikaBester noNandipha abalwa neNetflix

Nokubongwa Phenyane|Published

SIZOPHUMA namhlanje ekuseni, isinqumo senkantolo ngokuthi lisakazwe noma cha iqophamlando elikhuluma ngempilo kaThabo Bester noNandipha Magudumane kwiNetflix

Image: Sigciniwe

KULINDELEKE ukuthi inkantolo enkulu yaseGoli ikhiphe isinqumo sokuthi iNetflix iqhubeke nokusakaza iqophamlando elikhuluma ngokuthandana kukaThabo Bester noDkt Nandipha Magudumane. NgoLwesine bekulalelwe isicelo enkantolo esafakwa yilaba sokumisa isiteshi iNetflix ukuthi ingasakazi lutho oluthinta bona. 

I-Netflix yamemezela ukuthi izosakazwa ngoLwesihlanu iqophamlando elikhuluma ngothando lwalaba kuze kube bayaboshwa, elizokwaziwa ngeBeauty and the Bester.

Inkantolo kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo sokuthi ilisakaze leli qomphamlando noma cha.

Abameli balaba bobabili bakhale ngokuthi leli qophamlando lizodicilela isithunzi sabo  emphakathini.

U-Advocate Benjamin Moafrika Wa Maila omele uBester, uveze ukuthi isihloko saleli qophamlando ngokwaso siveza uBester njengomuntu omubi onobulwane nokudicilela phansi isithunzi sakhe.

“Leli qophamlando ngokwalo uBester uyisilwane nje, ngakho ezinganeni ezikhulayo manje uyohlala eyisilwane emehlweni azo. Okunye ukuthi ngalo usefana nomuntu onecala ekubeni kusalindeleke ukuthi kuthethwe amacala abhekene naye,” kusho uWa Maila.

U-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, omele iNetflix, utshele inkantolo ukuthi iziqephu ezine zalolu hlelo zinika ithuba abantu abahlukunyezwa uBester isikhathi sokuthi bagonyuluke ngokwenzeka kubo njengoba bebengakaze basho lutho isikhathi eside.

“Ukumisa leli qophamlando kuchaza ukuthi kuvalwa imilomo laba abahlukunyezwa ngesandla sikaBester. Umphakathi udinga izimpendulo zokuthi uBester wakwazi kanjani ukuhlela icebo elithathwa njengamanye ahamba phambili okweqa ejele ayevalelwe kulo,” kusho uNgcukaitobi.

Uthe emlandweni, uBester ungomunye wezigelekeqe okuyohlala kukhulunywa ngazo njengoba esolwa ngamacala okudlwengula nokubulala.

Uma kuziwa kuNandipha, uthe wakhokhelwa imali yokwenza leli qophamlando, wanikwa ithuba lokuthi aziphendulele emibuzweni eyayidingwa abakwaNetflix ngaphambi kokusakazwa kwalo kodwa wanqaba ukuphendula.

Lezi zithandani ngokwamaphepha abameli, ziveze ukuthi iqophamlando leli liqukethe okungelona iqiniso, okuhlambalazayo nokungenabo ubufakazi ezintweni ezizovezwa, okuyinto edicilela phansi amalungelo abo.

AbakwaNetflix baveze ukuthi iqophamlando liphethe zonke izigemegeme kusuka empilweni ephezulu uDkt Magudumane ayeyiphila, njengoba abaningi babesebenzisana naye kuze kuya ekuthandaneni nosolwa ngokuba umbulali nomdlwenguli, uBester, okuyinto eyathusa abaningi.

Esikhangisweni abasanda kusikhipha, sikhombisa amanye amalungu omndeni alaba nabangani babo okukhona kubo ubaba kaNandipha, uZolile Cornelius Sekeleni, uPearl Thusi noPenny Lebyane.