U-BRIDGET Mangwandi owawina isizini yesihlanu ngonyaka odlule yohlelo iMastechef South Africa
Image: Sithunyelwe
INKAMPANI eqopha izinhlelo ezehlukene kuleli iPrimedia isimemezele ukuthi uhlelo iMasterchef South Africa ngeke isakhonjiswa kwiS3 njengoba bekwenzekile ngonyaka odlule, kodwa isizobonakala kwi-e.tv.
Bathi isizini yesithupha yalolu hlelo izoqala ukukhonjiswa ekuqaleni konyaka ozayo njengoba manje besematasa nezinhlelo zokuqopha lolu hlelo.
UBongumusa Makhathini wakwaPrimedia uveze ukuthi bakujabulele ukusebenza nenkampani yakwa-e.tv nezosakaza lolu hlelo eziteshini zabo ezihlukene.
"Ukuba nobudlelwano bokusebenzisana phakathi kwethu kuzokwenza lolu hlelo ukuthi lufinyelele kubantu abahlukene ababuka lesi siteshi esingakhokhelwa. Siyazi ukuthi abakwa-e.tv bangesinye seziteshi ezisakaza izinhlelo ezihamba phambili kuleli nasemhlabeni, sesikubheke ngabomvu ukuthi ababukeli bahlangane nabo bonke abazozama inhlanhla kule sizini entsha," kuchaza uBongumusa.
Uthe njengoba uhlelo seluya kwesinye isiteshi bazoba nezinguquku uma kuziwa kumajaji njengoba bezomemezela amasha maduzane.
Uveze ukuthi okungashintshile inkampani eliqophayo kuseyiyo iHomebrew Films, nezoqopha eKapa, e-Atlantic Studios.
Uveze ukuthi uma beqeda ngezinhlelo zale sizini bazomemezela ukuthi isizini yesibili yohlelo iCelebrity Masterchef yona izoqala nini futhi obani osaziwayo abazobonakala kuyo.
UHelga Palmer wakwa-e.tv uveze ukuthi kuyabajabulisa ukuba nohlelo olufana nalolu esiteshini sabo njengoba luzodonsa abantu abazifelayo ngokupheka.
"Okusijabulisayo ngolwakuleli ukuthi luhlukile uma luqhathaniswa nolwakwamanye amazwe njengoba lugxila ekugqamiseni amasiko akhona kusetshenziswa ukudla. Besihlala sibona ukuthi wonke amasizini aba yimpumelelo futhi asingabazi ukuthi nalesizini izoba ngenye yahamba phambili," kuchaza uHelga.
Ngonyaka odlule, kwaqopheka umlando kulolu hlelo intokazi eneminyaka engu-18, yaseGoli, uBridget Mangwandi, ikhala imuka nesicoco sesizini yesihlanu.
UBridget waveza ukuthi kufezeke iphupho lakhe leminyaka njengoba ukudla kwakhe umhlanganiso kuzomvulela amasango emkhakheni wokupheka nokuyinto ayithandayo.
Related Topics: