UKELLY Khumalo osanda kukhipha ingoma yakhe entsha ethi Nyamezela nezolandelwa i-albhamu yakhe ezophuma ekuqaleni kuka-Okthoba
Image: Instagram
UTHEMBISA izingoma ezithinta umphefumulo kwi-albhamu yakhe yesi-11 ezophuma ekuqaleni kuka-Okthoba, umculi uKelly Khumalo, nathi kwayena zimenze wacabanga wajula njengoba bezidinga asebenze ngezindlela ezihlukene.
NgeSonto eledlule, uKelly ukhiphe ingoma ethi Nyamezela ekhona kule albhamu entsha, nathi uyikhiphe ngenjongo yokuthi abalandeli bakhe bezwe ukuthi uza nani.
Isihloko se-albhamu entsha uthe sithi Rebirth.
“Le albhamu inezingoma ezingu-9 sezizonke kodwa lena engiyikhiphe kuqala iyona engingathi ingezinye ezihamba phambili njengoba ikhuluma ngokuthi kumele sibekezele kanjani futhi sibenethemba kuzona zonke izinto esibhekana nazo. Iphethe umyalezo wokuthi noma kwenzakalani empilweni ubobekezela, iwona myalezo engiwuphethe,” kuchaza yena.
Uthe ngomdanso nangamagama awaphimisayo ukhuthaza abantu abasengcupheni yokuyekelela konke ukuthi okuhle kuyeza.
“Akumele siyiyeke impilo ngoba sithi asiphumeleli. Umculo mina iwona engiwusebenzisayo ukuze ngiphole bese ngisiza nabanye ngawo, uyisikhuthazo kimi ngakho kumele ngikhuthaze ngawo abanye. Le albhamu isiyonke ngiyiqophe ngoba ngazi ukuthi sibhekene nani, ingoma ngayinye izosika ekujuleni kubantu ababhekene nobunzima bempilo,” kuchaza yena.
Uthe wembule ikhasi elisha ekhasini lakhe lomculo ngale albhamu eqhakambisa ubuciko bakhe.
“Isigqi somculo engiwenzayo manje siqhakambisa isigaba sokukhula emculweni njengoba ngineminyaka ngaqala. Angisenzi umculo ngoba ngifuna ukuduma noma kubatshazwe ezinkundleni zokuxhumana kodwa sengifuna ukushiya umlando ngomsebenzi wami. Konke lokhu kwenzeka ngoba usuthathe isigaba sokuba nesibindi ngento oyenzayo futhi usuzalwe kabusha,” kuchaza yena.
Uthe abalandeli bakhe bazowujabulela umsebenzi wakhe futhi bazozizwa bengabantu abasha, bazamukele bazithande ngaphansi kwanoma yiziphi izimo ababhekene nazo.
“Ukwenza izingoma ezingaka ezinomyalezo obalulekile akubanga lula nakimi ngoba bekumele ngijule ngomcabango ngiveze ubuciko enginabo futhi zonke bezidinga ngiqhamuke ngendlela ehlukile ukuze zingafani kodwa ziye kubantu nomyalezo obalulekile,” kuchaza yena.
Related Topics: