Ezokungcebeleka

Luzogqamisa impilo yesithembu uhlelo lwezingane zakwaDlamuka

Nokubongwa Phenyane|Published

ENYE yamadodakazi amadala kaMfundisi Mthandeni Dlamuka, uNombuso, ezogqama ohlelweni Isizwe saKwaDlamuka oluzoqala ngenyanga ezayo kwiMoja Love

Image: Facebook

KUZOGQAMA indlela ezikhule ngayo esithenjini izingane zikaMfundisi Mthandeni Dlamuka ongasekho njengoba kusanda kuvela isikhangiso sohlelo olusha lwalo mndeni oluzoqala ngo-Okthoba 11, kwiMoja Love (157).

Umndeni wakwaDlamuka oLundi waziwe abaningi kuleli kuvela izindaba zokuganiswa kwendodana yokugcina uSiyacela ineminyaka engu-16.

USiyacela wayeshadiswa nentokazi yaseNkandla uThando manje abaneminyaka engaphezu kuka-21, futhi basashadile baze baba nendodana.

UNKOSIKHONA Dlamuka naye ozoba yingxenye yalolu hlelo

Image: Facebook

IMoja Love ibilokhu ishutha amasizini ahlukene ibheka umshado kaSiyacela noThando osuse omkhulu umsindo muva nje.

Uhlelo olusha oluthi Isizwe SaKwaDlamuka, luzogqamisa impilo yezingane zakhona zonke ezibalelwa ku-30.

UNthati Molefe onguphrojusa walolu hlelo nokunguye olusungulile uveze ukuthi luzogxila kakhulu ekukhuleni kwazo zonke izingane zikaDlamuka ezazalwa amakhosikazi akhe amahlanu.

“Noma singashuthi nazo zonke ngoba ezinye zisencane kodwa bangaphezu kwabayishumi esenze nabo uhlelo, nabazoveza ukuthi kube njani ukukhulela esithenjini, benzani bona manje njengoba sebekhulile futhi bazophinde baveze izingqinamba umndeni obe nazo ngokuba khona kwabo bebaningi kanjalo nokubona kulokhu kungena omama egcekeni ubaba wabo eganwa,” kusho uNthati.

Uveze ukuthi nezingxabano zabo njengomndeni zizogqama kulolu hlelo.

“Kuzogqama izingxabano zezelamani, nokunye okuhlukene okuthinta umndeni wazo. Bazoveza impilo yabo manje ukuthi njengoba sebebadala i benzani,” kuchaza uNtathi.

Uthe yize uThando ezovela ohlelweni kodwa ngeke kusafana nakuqala njengoba olwedlule belugxile kuyena noSiyacela ngomshado wabo.

“USiyacela uzogqama ngenxa yokuthi ungomunye wezingane zikababa uDlamuka, kodwa ngeke kusaba ngomshado wakhe kuphela naye uzoveza okwenzeka empilweni yakhe ekhula nezingane zakwabo. Omama nabo ngeke baze bagqame kakhulu ohlelweni, bazovela nje kancane kodwa sizobona futhi sazi kabazi ngezelamani lezi ezikhulele emndenini ongaka,” kuphetha uNthati.