UPenny Ntuli oseveze ukuthi uyakuqonda okubi obekungenzeka ngesikhathi eshutha i-video edunusa emgwaqeni onguthelawayeka uN3, eMtshezi
Image: Sigciniwe
OWAYENGUMSAKAZI weGagasi FM, uPenny Ntuli, uthi akaxolisi futhi akaliboni iphutha alenzile ngokushutha i-video ayifake enkundleni yokuxhumana edansa sakudunusa emgwaqweni u-N3, eMtshezi.
UPenny uthe kodwa imibono yabantu abamtshele ukuthi lokhu akwenzile bekungadala ingozi yikhona okumvule amehlo, nasekhuluma ngakho manje ukuze "abantu bayeke ukukhuluma izinto ezihlukene abafuna ukuthi zisuse umsindo ongekho".
NgoMsombuluko, uPenny ususe umsindo abantu bemgxeka ngalesi senzo sakhe bethi uphuzile futhi lokhu akwenzayo kungadala ingozi enkulu.
“Uma ngingaphika nabantu ngingahlala ngixolisa njalo ngezinto umuntu azenzayo azifake ezinkundleni zokuxhumana. Ngesikhathi ngenza le video bekungesikhathi ngihambe ibanga elide ngase ngikhetha ukushaywa umoya ngoba bese ngikhathele. Kube sekungifikela ke ukuthi ngenze loya mdanso kanjalo nezinye izinto ezihlukene. Bengingaqondile ukuphatha kabi abanye abantu besizijabulele nje. Abantu bayangigxeka ngalokhu kodwa engifuna ukucacisa ngoba kuqhamuke imibono ehlukene futhi ngoba kukhona abantu abangitshelile ukuthi angiphawule ngoba ngisemehlweni abantu - kumele ngicacise ngezizathu eziholele ekwenzeni le video,” kusho uPenny.
Uthe ekuboneni imibono ehlukene yabantu ukubonile ukuthi bekungenzeka ingozi kodwa yena ngesikhathi edansa ubengakaze akucabange lokho.
“Kulaba abathi bengiphuze utshwala, ngicela ukubacacisela ukuthi mina angiphuzi nhlobo. Into engenze ngakhuluma yilabo abangibonisile ukuthi bekungenzeka ingozi, nami ngiyabona manje ukuthi ngigajwe yinjabulo ngase ngenza nginganakile. Ngiyabonga kubona bonke abangibonise ngalolo hlobo, ngeke ngiphinde ngikwenze lokhu, ngiyaxolisa futhi nakubona bonke abashayeli bamaloli engibaphazamisile ngalokhu, ngeke ngiphinde ngikwenze,” kusho yena.
Uthe uyaqonda ukuthi ezinye izinto ziba umsindo ngoba esemehlweni abantu kodwa ukube bekungamalungu nje omphakathi bekungeke kube nokukhuluma.
Kodwa uthe angakufuni ukuthi agcine esengakwazi ukwenza izinto azithandayo ngoba elawulwa abantu emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.
Related Topics: