UNONKANYISO Conco odume ngelikaLaconco oseveze ukuthi ujabule ngethuba alitholile lokulingisa emdlalweni wopopayi othi Bluey osuwenziwe ngesiZulu
Image: Instagram
UMETHULI wezinhlelo, uNonkanyiso Conco, odume ngelikaLaconco useveze ukuthi kufezeke elinye lamaphupho akhe esebenzisa iphimbo lakhe ukwenza umdlalo wopopayi odume emhlabeni wonke othi Bluey.
Lo mdlalo wenziwe kabusha ngezilimi ezine okukhona kuzo isiZulu, Afrikaans, isiSwahili nesiNaijá (Nigerian Pidgin).
Iziqephu zawo ezintsha ngokuhlukana kwalezi zilimi zizokhonjiswa eziteshini zeBBC Studios ezihlukene emhlabeni.
Kuyona uLaconco uzobe elingisa indawo kamama uChilli.
Ekhuluma ngokuthola ithuba elifana naleli, uveze ukuthi ujabule ukungena emkhakheni wezokulingisa yize ezosebenzisa iphimbo lakhe kodwa kungenye yezinto ayezifisa ukuzenza.
"Inhliziyo yami inokubonga kakhulu, angikaze ngizibone ngenza into efana nalena. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngethuba angivulele lona. Le ndawo engiyilingisayo mina nayo sicishe sibe nokufana ngezinto ezenzeka ezimpilweni zethu njengoba engumama onothando, obesekayo abantwana bakhe futhi obathandayo nothanda ukwenza izinto eziqondile ngaso sonke isikhathi futhi izingane zakhe angazifanisi nezinye aziphilisa ngalokhu anakho," kuchaza uLaconco.
Uthe kubona bonke omama abakhuluma ulimi lwesiZulu izingane zabo zizowuthokozela umdlalo.
"Indodana yami uSakhe ithole ithuba lokuhlala nami ngesikhathi siqopha futhi ibihlala ijabule ngaso sonke isikhathi. Ngiyabonga kulona lonke ithimba elingiqokile ukuzokwenza lo msebenzi nabanye ebengisebenza nabo, kube uhambo olulula kakhulu yize bengiwuqala umsebenzi. Kuzothi uma sengilwazi usuku okuzoqala ngalo ukuqopha bese ngiyanazisa," kusho uLaconco.
Kwenzeka lokhu nje, uLaconco kulezi zinsuku uvela emdlalweni iGenesisi kuMzansi Magic la asiza khona abashadile ababhekene nezinkinga emshadweni wabo.
Kuwona ulingisa esebenzisa igama lakhe njengoba engumethuli wohlelo olwenzeka kulo mdlalo.
AbeBCC bathe kusho lukhulu kubo ukusebenzisana nosaziwayo abahlukene base-Afrika ukwenza lo mdlalo ukuze ujatshulelwe emazweni ahlukene .
Bathe manje isizini yesithathu yeBluey iyakhonjiswa esiteshini iCBeebies (DStv Channel 306) nakuDisney+
Related Topics: