Ezokungcebeleka

UNelisa ubonga ithuba lokubuyela kuZalo

Nokubongwa Phenyane|Published

UNELISA Mchunu okhuza ibuya kule nyanga emdlalweni Uzalo

Image: Sigciniwe

UKHUZA ibuya emdlalweni Uzalo uNelisa Mchunu owazakhela igama elingisa indawo kaFikile nashiya kuwo eminyakeni engaphezu kwemithathu edlule.

I-SABC imemezele ukuthi lo mlingisi ubuya kulo mdlalo nabanye abalingisi abasha abazoba yingxenye yawo okukhona kubo uMondli Nkomo ozolingisa indawo kaMr Dongwe noJamy Lee Simons ozolingisa indawo kaJoanne.

Ekhuluma ngokubuya kwakhe kulo mdlalo, uNelisa uthe akukho okuhlukile ababukeli balo mdlalo abazokubona njengoba kuzobuya uFikile loya abamaziyo.

UMONDLI Nkomo ozolingisa indawo kaDongwe ongomunye wabalingisi abasha abazobonakala emdlalweni Uzalo

Image: SITHUNYELWE

“Umdlandla abawaziyo nokuziphathisa okukaBeyonce yikhona abazoqhubeka bakubone kulo mdlalo. Izigemegeme zikaSbu noFikile kuzogqama zona futhi. Noma bengikuphi bengihlala ngisho ukuthi umdlalo Uzalo kimi uyohlala uyikhaya, ngiyophindela kuwona noma inini. Engikufundile ngokuba kulo mdlalo ukuthi wangithatha wangikhulisa ngafika kwelinye izinga ekulingiseni,” kusho uNelisa.

Uthe okunye okumjabulisayo ukuphinde ahlangane nabalingisi abashiya esesebenze nabo iminyaka futhi ujabule ukuphinde alingise nabasha abaficile manje.

Indawo yakhe uthe izoqala ukubonakala ngoSepthemba 24.

UNELISA Mchunu okhuza ibuya emdlalweni Uzalo

Image: Sithunyelwe

UMondli kulo mdlalo ozofika njengomyeni kaMaDongwe (Zama Magubane Ngcibo) futhi ungubaba kaLilly (Noxolo Mathula), uveze ukuthi ubonga ithuba alithole kwiStained Glass okuyinkampani eqopha kulo mdlalo.

“Ngithemba ukuthi njengoba esebuya empilweni yomndeni wakhe uzokwakha ubudlelwano nabo, uDongwe uzokwazi ukuthi abahlanganise futhi akufisa kakhulu ukuthi abe nobudlelwano obuhle nendodakazi yakhe futhi babe umndeni ojabule njengoba bebehlukene iminyaka,” kuchaza yena. 

Indawo yakhe izoqala ukubonakala ngo-Okthoba 1, ekaJoanne yona iqale ukubonakala izolo.

Uphrojusa walo mdlalo, uKing Dave Mukwevho, uthe kuyabajabulisa ukubuya kukaNelisa kulo mdlalo nabangangabazi ukuthi kuzosho lukhulu nakubabukeli bawo, njengoba indawo yakhe kungenye eyayithandwa ababukeli balo mdlalo.

“Ukubuya kwakhe kulo mdlalo uzoxoxa indaba ejule kakhulu ababukeli abazoyijabulela. Sithanda nokwemukela abanye abalingisi abasha, sesilinde ukubona ukuthi bazomukeleka kanjani njengoba bonke benza nomsebenzi oncomekayo," kuchaza yena.