UQONDANISA Sibisi noThandoluni Phungula abangabaculi bakamaskandi abakhala ngokungakhonjiswa inhlonipho ezinkundleni zokuxhumana
Image: Sithunyelwe
UMCULI kamaskandi ophinde abe sohlelweni uMnakwethu kuMzansi Magic, uQondanisa Sibisi (32), useveze ukungaphatheki kahle ngokukhulunywa abantu ezinkundleni zokuxhumana njengoba bemsola ngokuthandana nelungu leZingane Zoma, uThandoluni Phungula (49).
UQondanisa uthe usethule kwanela ngokwenziwa abantu abakhombisa ukungamhloniphi umama omdala njengoba bona bahlanganiswe umsebenzi kuphela.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi abantu kumele ngabe bayabajabulela njengoba bethole eminye imisebenzi ngaphandle kokucula kodwa kunalokho babakhulumela okungeyikho.
“Ngiphukile emoyeni kakhulu. Umama ngisho kimi uMaPhungula njengoba sengisolwa ngokuthandana naye nje. Mina ngiqale ukusebenza naye kwi-albhamu yami edlule, sasebenza kahle futhi. Kuthe uma ngicelwa yizinkampani zezimpahla zokugqoka, ngamthatha umama ngoba bedinga umuntu wesifazane osemculweni kamaskandi ngathi asizosebenza naye. Kodwa kuyangiphoxa okushiwo abantu uma ngike ngafaka isithombe sethu sobabili bekhuluma izinkulumo okungathi sesiyathandana naye, lokho kukhombisa ukuthi abanayo kanjani inhlonipho ngomuntu omdala,” kuchaza uQondanisa.
Uthe uyanxusa abantu abakhulumayo uma efaka lezi zithombe ake bakhombise inhlonipho kumuntu wesifazane ozamela umndeni wakhe.
“Abantu abayeke ukuthatha okwenzeka ohlelweni uMnakwethu bakufake ngisho la kungafanele khona. Ingiphethe kabi ngempela le nto njengoba abanye bethi kungani ngisondela kangaka kuyena ezithombeni, yingoba siyasebenza. Abantu besifazane engibambisene nabo othandweni bayabazi, abantu abayeke ukukhuluma into okungeyona,” kuchaza yena.
Uthe abangakwenza ukuthi babaxhase ekuthengeni izimpahla abazikhangisayo, baphinde futhi babeseke njengoba bezophinde bakhiphe izingoma ngokubambisana.
Okunye akuvezile ukuthi maduze kuzoqala ukuqoshwa kohlelo Umnakwethu, nezinye asebenza ngaphansi kwazo kulesi siteshi.
Related Topics: