Ezokungcebeleka

Ukhala ngabamgxeka ngomzimba wakhe ezinkundleni zokuxhumana

Nokubongwa Phenyane|Published

UCASSPER Nyovest oseveze ukuthi kumphathe kabi ukugxekwa ngomzimba wakhe ezinkundleni zokuxhumana

Image: Instagram.

UMREPHA uCassper Nyovest useveze ukuthi kumphathe kabi ukugconwa abantu ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yesisindo sakhe njengoba ekhuluphele.

Kule video ubengena esiteji ezonandisa njengoba ebeyigxenye yabaculi abebesedilini lomculo ebelenziwe nguDJ Maphorisa noKabza de Small, iScorpion King.

UCassper uthe usekhethe ukubuyela ejimini ukuze ehlise isisindo ngenxa yokugxekwa futhi nangenxa yokuthi sekusondela isikhathi somcimbi awenza kanye ngonyaka iFill Up.

“Ngeke ngiqambe amanga, okushiwo abantu ngenxa yesisindo sami kuhlale kabi kimi futhi kwangidalela inhliziyo ebuhlungu. Abantu abazi ukuthi yisiphi isimo engibhekene naso manje ngize ngibe kulesi simo ngoba angithandi ukuveza izinto uma ngisazihlela ngiyafihla kakhulu. Kodwa engibona kungcono wukuthi ngizame ukushintsha indlela engibukeka ngayo ukuze ngingaphinde ngizwe lokhu okushiwo abantu ngami,” kusho uCassper.

Uthe okwamanje uzoqala kancane enze izinto ezihlukene ukuze umzimba wakhe uphindele esimeni esijwayelekile, bese eqinisa ekwakheni amamasela omzimba.

“Ngesinye isikhathi vele kudingeka kube khona okukuphushayo ukuze uqale into. Nami ngenza lokho ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi angisona isehluleki futhi ngizoba yile nto mina engithanda ukuba iyona ngomzimba wami. Ngifuna abantu bazi ukuthi ngisewuyena uMufasa Inkosi. Sengenzela nokuthi sekusele izinyanga ezintathu kuphela kube nomcimbi iFill Up ozoba ngoDisemba 6, enkundleni yezemidlalo iToyota eBloemfontein, ngifuna abantu ukubavezela ukuthi ungaba yinto abebengayicabangi,” kusho yena.

UCassper kujwayelekile ukuthi njalo ngasekupheleni konyaka enze leli dili lomculo asuke ebonga ngalo abalandeli bakhe emadolobheni ahlukene kuleli.

Uthe amathikithi omcimbi aseyatholakala futhi abazowuhambela bazobhema bakholwe.