Ezokungcebeleka

UKhabonina ukhala ngendlela okuqedwe ngayo indawo abeyilingisa

Nokubongwa Phenyane|Published

UKHABONINA Qubeka oseveze ukuthi uphoxekile ngendlela okuphele ngayo indawo ekade eyilingisa yeNdlovukazi uNtombazi emdlalweni iShaka-Ilembe

Image: Sigciniwe

USEVEZE ukungenami kwakhe umlingisi uKhabonina Qubeka ngendlela okuphele ngayo indawo yakhe ngesikhathi kugoqwa isizini yesibili yomdlalo uShaka-Ilembe ngeSonto. 

UKhabonina obelingisa indawo yeNdlovukazi uNtombazi, uthe uphoxekile ngokuvezwe kulo mdlalo njengoba isiphetho esiveziwe ngomlingisi akade enguye sasuswa okuningi futhi akusona lesi agcina esishuthile yena.

Ukuveze lokhu enkundleni yokuxhumana, waphinde wakususa njengoba abantu kade bemncoma ngendlela alingise ngayo le ndawo.

“Lokhu okuvelile akusona isiphetho ngokufa kweNdlovukazi uNtombazi esasishutha nethimba lophrojusa balo mdlalo. Isiphetho kube esihlukile kunalesi okwakuvezwe ukuthi kuzoba yisona.  Ngiyacabanga ukuthi kukhona izigaba esazishutha abathathe isinqumo sokuthi bazisuse. Bengibheke phambili ukubona indlela enizokwenza ngayo uma nibona isiphetho sakhe. Ngasebenza kanzima ngesikhathi sishutha lesi siqephu ngenzela ababukeli balo mdlalo,” kubhala yena. 

Uthe ukuzinikela kwakhe kulo mdlalo eshutha iziqephu zokugcina yingoba wayebonisa ubukhulu beNdlovukazi kodwa akukho azokwenza njengoba kungavezwanga kwithelevishini.

Iningi lababukeli balo mdlalo elibhale enkundleni i-X, liveze ukuthi belingakulindele ukufa kweNdlovukazi kalula ngalolu hlobo, bebelindele ukuthi ilwe futhi isebenzise amandla ayo okuthakatha ukuzivikela.

Kula uKhabonina eveze khona lo mbono wakhe nakuvumile ukuthi lokhu okwenzekile uyabona kubacasulile abalandeli bakhe.

UKhabonina ubengomunye wabalingisi abashayelwa ihlombe kulo mdlalo ngezinga lokulingisa kwakhe le ndawo eyadonsa amehlo ababukeli kusuka ngesizini yokuqala kuze kube ifinyelela esiphethweni.

Kwenzeka lokhu nje, abakwaMultichoice neThe Bomb Production basanda kumemezela ukuthi sekuqaliwe ukushuthwa kwesizini yesithathu nekungeyokugcina yalo mdlalo nezoqala ukukhonjiswa ngonyaka ozayo.