UROB Bentele waseRichards Bay ozobonakala ohlelweni olukhulu emhlabeni iSurvivor Australia vs The World eqale izolo kwiM-Net
Image: Sithunyelwe
UROB Bentele waseRichards Bay uthembisa into yamehlo ohlelweni olubhekwe ngabomvu umhlaba wonke iSurvivor: Australia vs The World, eqale izolo kwiM-Net (101) ngo-5:30 ntambama.
URob owadla umhlanganiso ohlelweni iSurvivor South Africa ngo-2019, uzohlangana nezingqungqulu ezawina ohlelweni olufanayo, eziqhamuka emazweni ahlukene.
Njengoba bezobe beqhamuka emazweni abo, bazobe bebhekene nezakhamuzi zase-Australila ezake zaba yingxenye yohlelo zawina.
Konke okwenzekayo kuzobe kuqoshelwe eSamoa lapho uRob adla khona umhlanganiso okokuqala engene ohlelweni.
Imali ezohamba nozodla umhlanganiso ingaphezu kuka-R2.9 million.
URob uthe okumjabulisa kakhulu ngokuba yingxenye yohlelo,wukuthi uphindela esiqhingini asazi njengoba ezazi, nokungeke kube nzima ukudlala kuso.
“Ngizosebenzisa amaqhinga ami angisebenzela kwisizini yasekhaya engayiwina. Njengoba siwu-14 sesisonke, akubanga lula ukuthi ngisheshe ngazi wonke umuntu, okuyinto okumele uyazi ngokushesha ukuze ubone ukuthi ubani okumele usheshe umsuse ohlelweni bese kugqama wena. Umehluko okhona kulona kunolwasekhaya wukuthi sonke safika singazani kodwa kuleli siyazana futhi umdlalo sawudlala ngendlela yokuthi sagcina siphumelele ekugcineni. Okunye futhi wukuthi ngesikhathi ngenza olokuqala lwadonsa izinsuku ezingu-39 kodwa kulolu zibe ngu-16 kuphela,” kuchaza yena.
Uthe okube yinkinga kuye wukuthi ubebazi abaqhamuka e-Australia njengoba elubuka uhlelo lwakhona kodwa abaqhamuka kwamanye amazwe ubengabazi, okuthe uma esehlanganiswa nabo kwaba nzima.
“Wuhlelo oludinga wonke amandla akho, kumele uzivocavoce, udle kahle ukuze umqondo usebenze kahle uhlale unamandla. Akumele uthembe noma wubani kulona ngakho ababukeli bazobona ngidlala nokuzimisela futhi kanzima. Bazobona umuntu othanda ukuba wumholi ngaso sonke isikhathi njengoba bengingazithambisi, bengifuna kubonakale ukuthi ngikhona, futhi bengisheshe ngibone uma kukhona abangihlelela khona ngikwazi ukuzisindisa kukhona,” kusho yena.
Uthe noma uhlelo lunzima kodwa angalungenela noma nini uma ithuba livela.
Related Topics: