UMCULI ocula owokholo uJumbo obengomunye wabaculi abebesemkhulekweni obuseDUT, obuhlelwe abahleli bomcimbi wokholo oba ngoDisemba 31 iMayine Crossover Gospel Experience
Image: Sithunyelwe
ZISHIYWE nomkhuleko wokuthi kungabe kusenzeka okubi esikhungweni izitshudeni zaseNyuvesi iDurban University of Technology, njengoba abahleli bomcimbi iMayine Crossover Gospel Experience, bebe nomkhuleko wabo wokuqala kulesi sikhungo.
Njalo ngonyaka abahleli balo mcimbi oba ngoDisemba 31, e-ICC, eThekwini baba nomkhuleko ezikhungweni ezihlukene zemfundo bekhulekela izitshudeni njengoba sekusondela isikhathi sokuthi zibhale izivivinyo zokuphela konyaka.
Abefundisi, abaculi bowokholo, osomahlaya nabanye abazakhele igama ezinkundleni zokuxhumana ikakhulu iTikTok bebeyingxenye yalo mkhuleko.
AYANDA Ntanzi
Image: Sithunyelwe
Umphathi wohlelo uLinda Sibiya, uvule ngomkhuleko lapho eveze khona ukuthi bazokhulekela zonke izinkinga ezihlangabezana nezitshudeni, ezizama ukuzakhela ikusasa eliqhakazile ngokuthanda imfundo.
"Siyabonga kuwona wonke umuntu ohambele lana namhlanje ukuzohlanganyela nathi ekukhulekeleni lesi sikhungo kuqala, kodwa nani zitshudeni sizonicelela kuNkulunkulu ukuthi njengoba senilungiselela ukubhala abe nani, anisize njengoba nizama ukushintsha impilo yamakhaya enisuka kuwo. Sizoshumayela, sininike amazwi obuhlakani bese siyivala ngomculo ukuze nijabule," kusho uLinda.
Usomahlaya uSimphiwe Shembe, uthe ukujabulele ukuba yingxenye yalo mkhulelo wathi izitshudeni azijwayele ukukhuluma nabantu ezisondelene nabo.
"Mina nginikhuthaza ukuthi nibe nabantu enibambisana nabo, ukuze nikwazi ukuvuleleka kwabanye. Namhlanje sonke silana ngoba kukhona abantu esisondele kubo ukuze impilo iqhubeke," kuchaza yena.
Abanye abebekhona kubalwa uBishop Mtshali, Syoni Thabethe, Pastor Mthethwa, uMadleka noChurchboy abazakhele igama kwiTik Tok nabanye.
U-Ayanda Ntanzi, Jumbo noMpumi Mtsweni bavale umcimbi ngedili lomculo.