UKWANELE Mkhize olingisa indawo kaMbopha emdlalweni iShaka-Ilembe oveze ukuthi usaya kude nokulingisa
Image: Sithunyelwe
UBONA engomunye wabalingisi abasebasha abaqophe umlando ngokuthola indawo ezokhulumisa emdlalweni iShaka-Ilembe, uKwanele Mkhize (26), olingisa indawo kaMbopha kaSithayi.
UKwanele wasoKhahlambeni, KwaMaphumulo, uthe akujabulelayo wukuthi ukuba kulo mdlalo, kuzokwenza kuvuke amanye amathuba njengoba lisazogqama kakhulu ithalente lakhe.
Uthe ukulingisa emidlalweni yasesiteji kumsizile ngoba kumfundise izinto eziningi ngokulingisa abengazazi.
“Ngesikhathi ngizwa ukuthi kufuneka abalingisi bomdlalo iShaka, angipholisanga maseko ngaya khona ngenxa yokuthi leli thuba langeqa ngesizini yokuqala. Ngiyabonga kubaphathi beBomb ngokukholelwa kimi, ngibonge kuzakwethu uLemogang engiyinsila yakhe ngokomdlalo ngokubambisana nami yize ngisewumlingisi osemusha kulo mkhakha. Indawo yami engiyilingisayo isaya kude futhi ngiyacela ababukeli bazi ukuthi siyalingisa, bangangizondi ngempela. Ngibheke phambili ekutholeni eminye imidlalo ukuze ngiqhubeke nokukhombisa ithalente lami,” kuchaza yena.
Ukulingisa uthe kungene kuye esemncane esasesikoleni ngoba uma kuthintwa izinto zamasiko wayehamba phambili.
“Ngibonga umama owayehlala ethi kunoma yini engifuna ukuyenza uyangikhulula. Ukwesekwa nguye kwangikhuthaza yize ngangingazi ukuthi ukuze ngingene kulo mkhakha kumele ngenzeni. Kwathi uma ngiqeda u-matric, ngenza iziqu zeFinancial Management, ngoba ngangingafuni ukuhlala ekhaya,” kusho uKwanele.
Uthe ukungalitholi ithuba lokuqeqeshelwa umsebenzi kulo mkhakha ayesengene kuwo, kwenza waya eGoli okuyilapho izinto zokulingisa zaqala ukuvuleka khona.
“Ngafikela komunye umfowethu ngahlala naye, impilo inzima. Kodwa ngathola indlela yokungena kulo mkhakha njengoba ngaqala ukulingisa komunye umdlalo kuMzansi Magic ngo-2019. Ngemuva kwalokho ngaphinde ngathola indawo kwenye ifilimu eyakhonjiswa kwiNetflix. Ngasuka lapho ngangena emkhakheni wokulingisa emidlalweni yasesteji, eyangenza ngasebenza ezikhungweni ezihlukene khona eGoli,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi yindawo yakhe enkulu yokuqala lena futhi uyazi ukuthi uzoba ngomunye wabalingisi abayoba semlandweni ngokuba kulo mdlalo.
Related Topics: