Ezokungcebeleka

Abalingisi bafuna uMengameli angenelele ezinkingeni zabo

Nokubongwa Phenyane|Published

THOKO Ntshinga

Image: Sigciniwe

UQOLOTHAKAMANGO womlingisi, uThoko Ntshinga, uveze ukuthi kukhona imithetho okumele iphasiswe ukuze amaciko angashoni eswele.

Ukusho lokhu ngemuva kokudlula emhlabeni komngani wakhe omkhulu, uNandi Nyembe, oshone ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokuxinwa wukugula.

UThoko uthe bakhathele wukuhlangana noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, bebika izikhalo ezizodwa.

Manje uthe bafuna uMengameli Cyril Ramaphosa asayine imithetho egunyaza ukuthi babe nesikhwama esibabekela imali, ukuholelwa imali ebafanele ngomsebenzi abawenzayo nokunye okuthinta amaciko.

“Ngaso sonke isikhathi siyohlala sikhuluma into eyodwa ethinta ukudlula emhlabeni kwamaciko esethwele kanzima. Into esiyidingayo wukuphasiswa kwemithetho ezosisiza ukuze  kuthi uma sidlula emhlabeni, sibe sinemali siphila impilo engcono kunale egqame emphakathini manje. Iningi lethu lithuthukise elakuleli lalibeka emlandweni kodwa uma sesishona isimo sisuke sisibi kakhulu,” kusho uThoko.

UMLINGISI uNandi Nyembe umngani wakhe uThoko Ntshinga oseveze ukuthi ushone ekhala ngomsebenzi

Image: Image:Instagram/actorspaces

Uthe umngani wakhe uNandi uhambe enesilonda nesikhalo sokuthi athole umsebenzi, ubengafuni ukunikelelwa.

“Wayefuna ukuthola imidlalo engamthatha asebenze ukuze athole imali. Imidlalo esivela kuyo kuyenzeka usebenze kuyo izinyanga ezintathu bese uyaphela umsebenzi. Kulezo zinyanga imali ozoyihola kumele uhlele ukuyisebenzisa unyaka wonke ezintweni ezihlukene ezithinta umndeni wakho,” kusho yena.

Okunye athe kuba buhlungu ngemithetho ebekwa kuleli,wukuthi ngisho kufika abantu bakwamanye amazwe bezokwenza amafilimu, bafika bephethe izindodla zemali yamadola, kodwa uma isikuleli iba ncane.

“Ushintsho siyaludinga, uMengameli uyena oseyithemba lethu lokugcina lokushintsha impilo esiyiphilayo. Sisebenze kanzima, osopolitiki abasicabangeli ngoba abakulaleli esikushoyo. Sithwele kanzima, ake sibhekelelwe.” kuchaza yena.